Nokubongwa Phenyane
Leli qophamlando uNasty C ulenze ngokuhlanganyela neRed Bull, Africa Creative Agency nenkampani yakhe i-Ivyson Entertainment.
Liyimizuzu engu-48, kanti laziwa ngokuthi iZulu Man in Japan.
Kulona kuzogqama uNasty C, ecula nabaculi abahlukene kuleliya lizwe abahamba phambili okukhona kubona uJP The Wavey, Ricky, Yoshi nabanye.
Ekhuluma ngokuba kuleliya lizwe uNasty C, uveze ukuthi akujabulela kakhulu ukwazi amasiko akhona ahlukene, ukudla kwakhona kanjalo nezimoto zakhona ezisetshenziswa ukuthutha abantu.
“Enhliziyweni yami bekulokhu kukhona ukuthi ngidinga ukuya eJapan. Nami angazi lowo muzwa wawudalwa yini. Kungenzeka ukuthi yingoba angigcini nje ngokuba umculi kuphela kodwa ngiyiciko ngakho kuleliya lizwe uma uyiciko kuningi ongakwenza ngezinsiza ezikhona eJapan. Ngiyabonga kakhulu kwabakwaRed Bull ngokunginika leli thuba lokwandisa ulwazi lwami emkhakheni wamaciko othinta imfashini, umculo nangendlela izinwele zami ezizobe zibonakala ngayo,” kuchaza uNasty C.
Uqhube wathi yena nabangani bakhe baseJapan, benza izingoma eziyisikhombisa ezinsukwini ezingu-8.
“Indaba yolimi ayibanga inkinga kakhulu, ngihlale kakhulu kuleliya lizwe, abantu bakhona banobubele, bayazinikela emsebenzini abawenzayo banomdlandla,” kuchaza yena.
Abasiki bengqephu athe umsebenzi wabo uzobonakala o-Ugo Mozie, Rakan Abdulwahid imenenja yakhe uColin Gayle okunguye obe umqondisi weqophamlando ngokuhlanganyela noNhlakanipho Teddy Mkhize.