KUPHELILE ngomshado womculi weMafikozolo,uNhlanhla Nciza, nosamabhizinisi ozakhele udumo endimeni yomculo ngeTS Records uThembinkosi ‘TK’ Nciza.
Laba bese beshade iminyake ewu-15. Ukugqashuka kwefindo lika sofasilahlane kumenyezelwe uNhlanhla ekhasini lakhe ku-Instagram ngoLwesine ekuseni.
“Ngemuva kweminyaka ebalelwa ku-15 sishadile, umyeni wami uTK Nciza nami sesikhethe ukuthatha isinqumo esinzima sokuhlukana,” kusho uNhlanhla esitatimendeni.
View this post on Instagram
A post shared by Nhlanhla Nciza(@nhlanhla_nciza) on Jun 19, 2019 at 10:18pm PDT
Lo mculi ophesheya njengamanje uthe basazwana futhi bazokwenza konke okusemandleni ukuthi baqhubeke babe ngabazali abaqotho ezinganeni zabo.
Ubonge laba abasondelene nabo ngokubeseka kulesi sikhathi esinzima wabe esecela ukubhekana nalolu daba ngasese.
Bahlukana nje banezingane ezintathu zabafana. Ingane yabo yentombazane yadlula emhlabeni engozini yemoto ngo-2009.