YETHULWE ngesasasa inhlangano okuhloswe ngayo ukusiza abacula namaciko adumile kodwa abadonsa kanzima njengoba imicimbi ebangenisela imali isamisiwe.
Inhlangano esungulwe ngabaculi abahlukene kuleli, iBacking The Back up Artist yethulwe eStable Theatre, eThekwini izolo.
Kuyona abaculi okukhona kubo iqembu iLadysmith Black Mambazo, Sandy B, Shabalala Rhythm noPhuzekhemisi, banikele ngokudla kwamanye amaciko asebenza nabo ezingomeni zabo ezehlukene.
USibongiseni Shabalala, ekhuluma neSolezwe uveze ukuthi wafikelwa wumcabango wokuthi abaculi ababasizayo ezingomeni zabo kungenzeka ukuthi noma kanjani bathwele kanzima njengoba kuyilesi sikhathi.
“Ngabe sengihlangana namanye amaciko, sathinta abaculi basinika amagama amaciko asebenza nabo, sabe sesikhetha ukuthi siwasize. Sixhumane nawo wonke umculi waseKZN ukuthi asinike uhlu lwabaculi asebenza nabo. Namhlanje bangaphezu kuka-20 abazothola izijumbane zokudla bese kuthi emasontweni azayo sizohambela izindawo ezihlukene, sinika la maciko izingoma zethu ebezingeke zizwakale ngendlela eziyona ukube kawekho,“ kusho uSibongiseni.
Uthe angu-500 amaciko abasenawo manje, bathemba ukuthi umkhankaso wabo uzodlulela nakwezinye izifundazwe.
“Siyabonga kakhulu kwabeThe Industrial Development Cooperation (IDC ) ngokusinika imali, okuyiyona esithenge ngayo lokhu kudla. Ukuya phambili siyanxusa nokuthi osomabhizinisi abangakwazi bafake isandla,” kuchaza uSibongiseni.
Uthe nabo bengaMambazo isimo kasisihle njengoba selokhu bagcina ukucula emicimbini ebangenisela imali ngoMashi, wonyaka odlule futhi kabaphindanga baya kwamanye amazwe.
Uveze ukuthi banethemba lokuthi isimo sizohamba sibe ngcono, imicimbi ibuye, kuphinde kusebenzeke njengasekuqaleni.