KUMVULELE amathuba amaningi ukufaka ama-video ezinkundleni zokuxhumana, lapho elingisa izingoma zabaculi abadumile, umculi osemncane waseMlaza.
USbahle Cele (22) ungumculi wokuqala ukusayina nesitebele somculo, Umuthi Records, okuyisitebela esisungulwe yiqembu lakuleli elishisa izikhotha kulezi zinsuku iBlaq Diamond.
Engxoxweni nephephandaba uSbahle ohlala kwa-Y eMlaza, uthe uyaphuphuma yinjabulo ngokuhlabana ngethuba eliyingqayizivele.
“Kufana nephupho ukuthi yimina lo, osebenzisana neBlaq Diamond. Kuyisibusiso ukuthi abagcini ngokuba abaphathi bami kodwa babuye babe ngobhuti bami abadala,” kubeka uSbahle.
Uthe lezi zinsizwa zaseMnambithi zidlala indima enkulu empilweni yakhe ngoba zihlale zimgqugquzela njalo ukuthi azethembe nokuthi abengumculi ongcono kunakuqala.
USbahle uthe umndeni nabangani bakhe abamsiza, wagqama ezinkundleni zokuxhumana ngokusabalalisa ama-video akhe.
“Ngesikhathi ngithola ucingo oluvela kuNdumiso Mdletshe, ngangizitshela ukuthi badlala ngami ngaze ngakholwa sebefika ekhaya, bezohlangana nami nomndeni wami,” kusho uSbahle.
Ingoma yakhe ethi Emlanjeni isiyazwakala emisakazweni emikhulu kanti umatasa estudio upheka i-albhamu yokuqala.
“Angikakabi nosuku oluqondile lokuthi izophuma nini kodwa sengijahile ukuthi abantu bayizwe futhi angingabazi ukuthi izojatshulelwa ngabancane nabadala,” esho ngokuzethemba.
Ugqugquzele nabanye abaculi abasafufusa ukuthi bangalilahli ithemba futhi bakholelwe ethalenteni labo.
“Akukho okudlula ukuzikhandla, ukuhlonipha nokwamukela ukugxekwa ukuze uthuthukise isiphiwo sakho. Uma wenze lokhu nakanjani uzofinyelela esicongweni,” kusho uSbahle.
Uphethe ngokubonga umndeni wakhe ne-Umuthi Records ngokubambisana ne-Ambitiouz Entertainment, ngokukholelwa kuyena nokumkhulisa kwezomculo.