BAHLANGANE ngazwi linye abaculi abebenandisa ekhonsathini iNaima Kay Live in Sekwanele Tour, bakhuza ukuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane besebenzisa umculo.
Ekhonsathini, ebisePlayhouse ngoMgqibelo ebusuku bekucula phambili uNaima Kay ephelezelwa yibhendi, ikhwaya enamalungu angu-16 nabadansi.
Phakathi kwabaculi abebephelezela uNaima kubalwa izinkakha zabaculi ezifana noMondli Ngcobo, Ntando Bangani, Prince M noLasandra.
Amaculo amaningi abawaculile abekhuluma ngesihlava okukhalwa ngaso, phakathi kwawo uNaima ubexoxa nabalandeli bakhe ebanxusa ukuthi bangafeli ngaphakathi uma behlukunyezwa.
“Sekwanele ukuhlukunyezwa kwethu yizandla zabantu esibathembile. Asiyeke ukubavikela nokubekezelela abahlukumezi bethu,” kusho uNaima Kay.
Ujabulise izihambeli ngamanoni akhe aduma ngawo, Umlilo, Imimoy, Thando, Khuluma Ngayo namanye amaningi.
Ikhonsathi ibihanjelwe ngosaziwayo abasemikhakheni ehlukene okubalwa inqwaba yabalingisi beMbewu: The Seed.
UMpume Mthombeni noMduduzi Nombela abangabalingisi. Bashaye iskeshi esincane naso ebesihlaba ukushaywa kwabesifazane, kwachwaza inkundla.
Ekhuluma ekhonsathini uNaima, uthe emuva kwezehlakalo ezenzeka kuyena uqobo zokuhlukunyezwa ubone kungcono ukuthi akhulume ngale nkinga ukuze nabanye baphumele obala.
Uthe uyazi ukuthi kunzima ukubikela abantu ngale nkinga kodwa ukuze uthole usizo kuyasiza ukuphumela obala.
Kunengoma ayiculile ethi Sekwanele ezosebenza emkhankasweni wokulwa nokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane kuleli.