KUKHUNJULWE isihlabani somculo wekwaito esingasekho emhlabeni ngosuku laso lokuzalwa. Osaziwayo abahlukene okubalwa uKabelo Mabalane, DJ Sbu, Gail Mabalane nabanye bafisela uMduduzi Mandoza Tshabalala usuku lokuzwala yize engasekho emhlabeni. Kuzokhumbuleka ukuthi uMandoza washona ngoSepthemba ngo-2016, kulandela ukuxinwa ukugula.
UKabelo unameke umbhalo emfisela usuku oluhle lokuzalwa njengoba ebezoba neminyaka ewu-44 kulo nyaka. UMandoza owaduma ngengoma ethi Nkalakatha esashisa izikhotha namanje, ungomunye wabaculi abaduma umhlaba wonke ngama 90's. Ukushona kwakhe kwathinta abantu abaningi nabakwamanye amazwe.
Ozakwabo ayeyibambe nabo emculweni we-kwaito iningi labo alisekho emhlabeni okubalwa uBrown Dash. Yize eseneminyaka ashona kodwa abantu balokhu bemkhumbule njalo ngamagalelo akhe emcuwleni.
Abalandeli bomculo wakhe nabo abasalanga kosaziwayo abakhumbule lo mculi. Iningi labo limkhumbula nangezinye zezithakezelo ayezethe zona emculweni uma eqamba izingoma okubalwa nezithi S’geleke esiFocus.