Ezokungcebeleka Umculo

Kubi kusaziwayo osinde engozini ebulale indodakazi

Nonkululeko Nhlapo|Published

USINDE ngokulambisa umculi wakuleli engozini enyantisa igazi edlule nomphefumulo wendodakazi yakhe ngoMgqibelo ebusuku.

Le ngozi yenzeke emgwaqweni uR37 bude buduze nemayini iSmelters, eLimpopo, ngoMgqibelo ebusuku ngesikhathi umculi uLehlohonolo Chauke owaziwa ngelikaShebeshxt obehamba nendodakazi yakhe nomunye wesifazane okukholakala ukuthi intombi yakhe behlelwa yingozi.

Shebeshxt. Isithombe: Instagram.

Bebelibangise eLebowakgomo lapho uShebeshxt ebezonandisa khona emcimbini we-ANC eZone R Park, ngeSonto.

Kuthiwa imoto yalo mculi ishayisane neloli ngaphambi kokuba igingqike.

UTidimalo Chuene, okhulumela uMnyango wezokuThutha eLimpopo uqinisekisile ukuthi le ngozi idlule nomphefumulo wentombazane eneminyaka eyisishiyagalolunye.

Uthe ingozi yenzeke ngemuva kwehora leshumi ebusuku kanti imibiko yokuqala abayitholile wukuthi imoto iVolkswagen Polo e-charcoal ishayisane nemoto enkulu.

Kubikwa ukuthi uShebeshxt uthole usizo lokuqala esesimeni esibucayi kakhulu kanti owesithathu obenabo emotweni uthole imihuzukwana.

UChuene uthe amaphoyisa aphenya imbangela yengozi.