KUBHUNTSHE umcimbi obekufanele ube se-East London, e-Eastern Cape ngoLwesihlanu olwedlule engalubhadi umculi wama-piano uKabelo "Kabza De Small" Motha. Umgqugquzeli walo mcimbi, uDJ Jigga WaseMdantsane, ubhodla umlilo ngesenzo sikaKabza ngoba ekhala ngokuthi simfake ehlazweni nasezindlekweni.
UDJ Jigga waseMdantsane uze wanameka umbhalo wakhe kuFacebook lapho edlulise khona ulaka lwakhe.
"Inhliziyo yami ibuhlungu, ikakhulukazi emuva kwemizamo nokungabuthi quthu ubuthongo ngizama ukwakha ilokishi lami, ngizizamela kanzima. Imali yami engaka." UDJ Jigga uthe izindleko angene kuzo ezokubhukha indawo ezolalisa abantu abane, ibhanoyi ebelizogibelisa abantu abane, iV Class nezinsimbi zomculo ezimba eqolo, ucingo lokuhlukanisa izethemali futhi ekhangisa ngalo mcimbi inyanga yonke.
Echaza ngokudale ubuhixihixi ohambweni lukaKabza, uDJ Jigga uthe kusuke kwahoxiswa ibhanoyi ebelizomletha nethimba lakhe e-East London.
Uthe babe sebephakamisa ukuba uKabza nethimba lakhe bagitsheliswe amabhanoyi aya eMthatha naseGqeberha.
"UKabza uyena kuphela oshaye phansi ngonyawo, wenqaba ukugibela ngoba ethi akafuni ukushayela amahora amathathu. Ngenhlanhla sathola ibhanoyi eliza eMonti kwenye inkampani kodwa uKabza waqhubeka wenqaba ukuhamba yedwa. Kube nempikiswano nemenenja yakhe,"
UDJ Jigga uthe okumcike kakhulu ukubona uKabza ku-Instagram ehleli kwakhe, edijeya ekubeni bebecela ithimba lakhe ukuba libhale isitatimende licacisa ngokungezi kukaKabza. Ube esenxusa abantu ebebethenge amathikithi ukuba bawabuyisele ezitolo abawathenge kuzo ukuze babuyiselwe imali yabo. "Ngiyabonga ngokungethemba kodwa lokhu bekungaphezu kwamandla ami. Ngixolise nangobuhixihixi obenzekile kodwa ngiyaniqinisekisa ngeke ngiphele amandla, ngizomletha omunye umculi odumile uma sengikhokhe umoya. Kabelo mfowethu ungenzile. Ngiyethemba uyakubona lokhu," kuphetha uDJ Jigga kuFacebook. Eziphendulela uKabza uthe ayisekho into azoyiphawula ngokushiwo nguDJ Jigga ngoba usengcolise igama lakhe ezinkundleni zokuxhumana.
“Wazi kahle ukuthi ibhanoyi lahoxiswa ngoLwesithathu kodwa wangangitshela. Uyasuka lapho ngoLwesihlanu usethi angize ngedwa, ngishiye ithimba engisebenza nalo futhi kuzofanele ngizishayelele amahora amathathu ngisuka esikhumulweni sezindiza. Ngamtshela ukuthi ngeke isebenze leyonto.” Esephetha uKabza uthe kufanele azi uJigga ukuthi uNkulunkulu ozomphendulela njengoba ecekele phansi igama lakhe.