NQOBILE MASIMULA
UMCULI wama-piano uLady Du, uchaze kabanzi ngokuhlukana kwakhe nesoka lakhe elingumlingisi, okuthiwa ulishiye ngoba lingasenamali.
ULady Du ogama lakhe langempela uDudu Ngwenya, ube sematheni ngeledlule emuva kokuvela kwezindaba zokuhlukana kwakhe nowayengumlingisi weSibaya, u-Andile Mxakaza.
Phakathi kwalabo abebephawula ezinkundleni zokuxhumana kukhona abakhombe inkinga yemali ku-Andile, njengembangela yokuhlukana kwabo. Yikona lokhu okwenze umculi abhale echaza ngempilo yakhe.
“Ngicela silungise into eyodwa. Imoto yami yokuqala ngayithenga ngineminyaka engu-16. Emuva kokuqeda isikole, ngahambela amazwe omhlaba ngisebenza emkhunjini wokungcebeleka. Izithombe enizibona ngime phambi kwezimoto akuzona izimoto zabantu, ngezami,” kusho umbhalo kaLady Du.
Uqhube wathi, ukhetha ukuphila impilo yangasese futhi akasiboni isidingo sokunameka ezinkundleni zokuxhumana izinto anazo.
"Ngingumculi ngizenzela umculo, impilo yami ayihlangene namuntu. Into engingeke ngiyivumele ukuthi abantu bazitshele ukuthi kukhona izinto enginazo ngoba ngizenzelwe ngumuntu. Sengike ngasebenza kaCheckers, ngake ngakhanda izimoto eworkshop kababa, ngasebenza kwezokuthutha nasemsakazweni imbala! Konke enginakho kuyizithukuthuku zami,“ kuchaza uLady Du.
Uchazile nokuthi akaze athandane nomuntu ngenxa yemali yakhe kodwa usuke emthanda ngokweqiniso. Ubonge uyise owamfundisa ukuthi angabohlanganisa uthando nemali ngoba uma imali ingasekho uba nenkinga impilo yakho yonke. Uthe ngeke avumele muntu ukuthi amumoshele isinkwa sakhe ngoba akekho noyedwa owake wamsiza ukuthi azenzele igama emculweni.
“Angisayinile ndawo, imenenja yami nethimba lami yikona okwenza igama lami. Yonke into enginayo iphuma ephaketheni lami. Akekho noyedwa owake wangisiza ngemali. Bengithi angicacise ngalokhu ngingathuli abantu beqamba amanga!,” kuphetha umbhalo kaLady Du.
Imizamo yokuthola umculi ayiphumelelanga njengoba ubengalubambi ucingo lwakhe nemiyalezo wangayiphendula.
Khonamanjalo, umlingisi wakuleli uThuli Phongolo, ukhiphe isitatimende ecacisa “ngokuxoshwa” kwakhe kwiThe Wife, lapho abedlala indawo kaLerato.
Uthe akayazi indaba yokuthi ukungaziphathi kahle kwakhe yikhona okumkhiphe kulo mdlalo. Uveze ukuthi kube nesivumelwano phakathi kwakhe nabadidiyeli ngokuqedwa kwendawo yakhe ngenxa yokushayisana kwezikhathi zokuqopha neminye imisebenzi yakhe.