UMCULI wamapiano ongaconsi phansi kubalandeli balolu hlobo lomculo, uthi kudala ezama emculweni kepha kuze kwaqala ukumhambela kahle nyakenye.
UClive "Reece Madlisa" Chikosi ( 24) wase-Alexandra, uthe ubekhonze ukudlala ibhola kodwa wagcina esengena emculweni. Uqale wacula ihip hop eneminyaka engu-14, wazama ukucula nekwaito.
"Izinto ziqale ukukhanya ngenkathi sengingene emkhakheni wamapiano. Namanje ngisamangele uma ngicabanga indlela abantu abawuthakasela ngayo umculo wami. Ngibonga uMdali ngokuthi angivulele indlela ngoba kubukeka kusahamba kahle njengamanje empilweni yami," kusho uReece Madlisa.
Echaza ngegama lakhe aziwa ngalo, uthe wabona kuyigama elimfanelayo wabe eseqoka ukulisebenzisa. Uveze nokuthi u-A Reece onegama elithi alifane nelakhe, ungomunye wabaculi akhule ebalandela.
"U-A Reece ungomunye wabaculi engingathi babambe iqhaza elikhulu kimina. Ngikhule ngilalela umculo wakhe futhi ungigqugquzele ekutheni ngifeze isifiso sami sokungena kulo mkhakha engikuwo namhlanje," kuqhuba umculi.
Kubaculi bekwaito aveze ukuthi ubebalandela ngenkathi ekhula ubale iBig NUZ, DJ Tira noMandla Spikiri.
"Yize amanye amaciko ekhala ngokugasela kweCovid-19, kodwa mina ingisebenzele kakhulu ngoba abantu bakuleli baqale ukusinaka nathi esicula ama-piano ngesikhathi bezivalele emakhaya. Wonke umuntu ubegxile kulokhu ebesikwenza online ngoba bezama ukugwema isibhocobhoco nokhwantalala. Ngempela-ke nathi sikwazile ukubenza ukuthi balalele umculo wethu," kusho uMadlisa.
Uthe kumanje umatasa ne-EP asezoyiphothula futhi ukholwa wukuthi izonyakazisa abantu abathanda ubumnandi. Kwi-EP yakhe usebenzisane noBob Mabhena, Deep Explosion, Lungsta, Josadi nabanye.