Wilson B Nkosi

IZINGWAZI zohlelo lweMetro FM, iWeekend Love Movement,  zizodlala bukhoma eMnini Dam, eMgababa ngoMgqibelo kusukela ngo-2 ntambama.

 Abasakazi bezinhlelo zangeSonto kwiMetro FM abazobe beshiyelana inkundla kubalwa ingqalabutho, uWilson B Nkosi weSounds and Stuff Like, uMsizi Shembe weSunday Soul Therapy, uSentle Lehoko weRomantic Reportoire noMoG weThe Sunday Night Live. 

Umgqugquzeli walo mcimbi uMsizi uthe inhloso yabo ukuhambisa izintandokazi zalo msakazo kubantu baKwaZulu-Natal, ikakhulukazi eThekwini namaphethelo. 

“Bekunabantu ebebehlale besinxenxa ukuba sibavakashele nabo eThekwini ukuze basibone kahle ngamehlo. Siyafisa ukuba abantu bafike ngobuningi babo. Nosomabhizinisi bakule ndawo bazothola ithuba lokuhweba ngoba inhlosongqangi yethu ukufukula umnotho.” Uthe laba basakazi bazobhulelwa amazolo ngabaculi abaziwayo okungoLinda Gcwensa, Bheki Nqoko, Angel Mazibuko, DJ Muntu odume ngelikaMaster Blaster, Bra Mdu nabanye. Ephetha uthe amathikithi azobetholakala ngoR100 noR150 kumaComputicket.