Omunye wabagqugquzeli bale miklomelo, uMlamuli Mkhwanazi, uthe ngokwezinhlelo zabo imiviliyelo izohambela zonke izifundazwe.
Umcimbi omkhulu uzoba ngoDisemba 5, esifundazweni iMpumalanga kanti le miklomelo izobe ikhonjiswa bukhoma kuSabc1.
“Ezinhlelweni esinazo ukuthi imiviliyelo ezoba kuzona zonke izifundazwe ikhonjiswe ezinkundleni zokuxhumana njengoba kungakavunyelwa ukuthi kuhlangane abantu abaningi endaweni eyodwa.
“Kule miviliyelo kuzoba namaciko abewine emiklomelweni yanyakenye azonandisa kuyona. Ezinye izinhlelo eziyingxenye yemiklomelo ukugubha iminyaka engu-15 kwasungulwa amaSatma.
“Lo mcimbi uzokwenziwa esifundazweni iMpumalanga ngoSepthemba 26. Imijikelezo ezobakhona iyoze iphele ekupheleni kukaSepthemba,” kusho uMkhwanazi.
Uthe njengamanje basamukela izicelo zamagama aphakanyiswayo abantu abazongenela le miklomelo.
Okwamanje uthe sebethole izicelo ezingaphezu kuka-200 futhi balindele ukuthi zize zifinyelele ku-1 000, okuyisibalo esikhulu uma kuqhathaniswa neminyaka edlule.
Okwenza abe nesiqiniseko sokuthi ziningi izicelo abasazozithola, ukuthi kusekhona izinto ezizojabulisa abantu ngemiklomelo yalo nyaka abazozimemezela ngaphambi kokuba kufike usuku lokuvala ukwamukela izicelo.
Uthe yonke imikhakha isavuliwe ukuthi abantu bafake izicelo zamagama abawaphakamisayo.
Nyakenye iqembu likamaskandi Abafana bakaMgqumeni yilona elithathe indondo ebalulekile yeBest Traditional Artist of the Year ezindondweni.
UMkhwanazi uthe nomkhakha weBest Traditional Global Icon usuvulelekile. Kuwona kusuke kwamukelwa izicelo kubantu abaphakamisa abantu ababe namagalelo emhlabeni ezintweni ezahlukene. Kuwona sekuke kwahloniswa uJohn Langalibalele Dube nabanye.
Ngosuku lo mcimbi omkhulu ngoDisemba, uMkhwanazi uthe kuzoya ngokuthi imithetho kathaqa isixegisiwe yini ukuvumela abantu abaningi ukuthi babe yingxenye yomcimbi.
Uthe uma kungakavunyelwa, kuzophoqa ukuthi isibalo sabantu abazoba yingxenye yawo sincishiswe kodwa abantu ngeke basale ngaphandle ukubona okuyobe kwenzeka njengoba uzobe usakazwa bukhoma kwithelevishini.