UMREPHA waKwaMashu, uNgane "Godfada Yekasi" Sikobi, uhlambalaze ngengoma omrepha abangomkhaya bakhe futhi ayebaphrojusa, uNtokozo Zakwe noDuncan "Skuva" Mbambo. UGodfada ukhiphe izingoma ezimbili futhi ezikwi-albhamu yakhe esihloko sithi God Album, lapho esola uDuncan noZakwe ngokubulala ikhono labo ngotshwala.
NgeSide N, uGodfada ubephendula izinkulumo ezashiwo ngoDuncan noZakwe e-albhamini abayiqopha ngokuhlanganyela nyakenye futhi eyayineculo elisihloko sithi Side D nelithi Side Z. UGodfada uqale ngoDuncan njengoba emsola ngokuthi akawukhathalele umndeni wakhe nomsebenzi ngoba ehlulwa wutshwala.
"Wena Skuva kumele uqonde ukuthi noma sahlukana kabuhlungu, kuningi okwenzekile. Bewungalaleli ngisho ngikukhuza. Ngisho usunengcosi mfana futhi awukaze wakhula. Uphila impilo engenaplani. Utshwala buyakwehlula," kusho uGodfada engomeni.
Eqhubeka udalula ukuthi uDuncan ushiywe wumfowabo nodadewabo kodwa wabangcwaba kabuhlungu ngenxa yokuthi wayengabathathelanga umshwalense. "Awuwakhokheli ama-rate. Uhluleka ukukhava umndeni. Uthembele kumama wakho kodwa uyazi akasebenzi."
Kwethi Side N Skit, uNgane uthi uZakwe waphathwa kabi ukuthuthuka kukaDuncan ngesikhathi yena esaxakwe yizinkinga zasenkampanini ayeqopha ngaphansi kwayo.
Uthi uZakwe wagcina ethathe umuzi womuntu owayeyisiboshwa futhi esehlala nenqwaba yabantu kuwo "kudliwa ubumnandi."
Ebuzwa yiSolezwe NgoMgqibelo, ukuthi ubecasulwe yini njengoba ekhafula umlilo kulezi zingoma, uGodfada uthe akunjalo.
“Uma kunjalo kusho ukuthi ngihlulekile ukudlulisa umyalezo ebengifisa abafethu bawuthole futhi kanjalo nesizwe sakithi esimnyama, ikakhulukazi intsha seyiyonke yaseNingizimu Afrika. Angicasukile neze ngoba ngazinika isikhathi sokuzibheka njengomuntu. U-Side N awusekho ngodaba lwethu, ngoba olwethu udaba kumele sililungise kepha sekuyithuba lokuthi nomphakathi ufunde. Ngesikhathi ngenza le ngoma, besenginaleso sifiso ngaphakathi mina,” kuphawula uGodfada.
Imizamo yokuthola ukuphawula kukaDuncan ayiphumelelanga ngoba wenqabile ngoba ethi akakayitholi yize seyigcwele iYouTube kanti uZakwe kuze kwashaya isikhathi sokushicilela engatholakali.
Le mpi yamazwi yaqala ezinkundleni zokuxhumana lapho labo mrepha babengcofana khona. Kube sekulandela ingoma kaDuncan eyayithi Side D kuyo ayesola khona uGodfada ngokumvalela ngaphandle ngesikhathi ayefuna ukusayinwa yiSiphethu Records. Kwabe sekulandela i-Side Z lapho uZakwe ayesola khona uGodfada ngokwakha ubutha phakathi kwakhe noDuncan.