Ezokungcebeleka Umculo

Iyakhwifa iMfezi isabisa ngokudedela ama-files

Nonkululeko Nhlapo|Published

IMFEZEMNYAMA ithi izobudedela ngesonto elizayo ubufakazi babaculi bakamaskandi nabanye osomabhizinisi abanyonyobela umkakhe isithombe: Imfezemnyama

KUNINI manje? Silokhu sithi-nje, Sawubona Wekukhuluma!

Kulokhu sibheke umculi kamaskandi iMfezemnyama ethi izonekela izwe lonke amahlazo ozakwabo nosomabhizinisi abathenjwayo abanyonyobela umakoti wakhe.

UPhumani "Imfezemnyama" Khumalo uthi unobufakazi obuyimilayezo engama-voice note ethunyelelwa unkosikazi wakhe. Uthi abanye sebayicisha imilayezo kodwa lokho kufana nomdlalo ngoba ubufakazi bese busezandleni zakhe.

Uthi-nje uphethe umqulu wama-VN azowadedela kungekudala sisale sibabaza ngoba phela balokhu bekhangisa ngezingane ezizalwayo “ontabakayikhonjwa” kodwa lutho amakhosikazi ngoba bacuthele umalokazana waseNquthu.

Baningi abaculi nabathandi bomculo kamaskandi abaphawulile ngale nkulumo:

Gqizile: Mashobana ezinye izinto zidinga sizikhulume njengamadoda singalwi. Wena ungowakithi, ungabasolisi abantu kwabangikhonzile ngicela bebebelungisa amakhokho iviki liyaqala 😭Imfezemnyama Yakhwifaaa🤣🤣🤣🤣🤣🤣🤣🤣🤣🤣🤣🤣🤣🤣🤣

Zakwe: Ungabe usahlehla bafo

Mroza Fakude: Mnganam ulindeni ngempel lezi mpisi zidelela kabi, akhaleee 🤣🤣😂

Ntencane Wamagitara Music: 😂😂zicetshiwe izimpisi. Sicela ungavumi uma bekhulu.