Ezokungcebeleka Umculo

Isisetshenzwa yizinkakha ingoma amaNazaretha

Nqobile Masimula|Published

UFAMSOUL ongomunye wabanikazi bengoma amaNazaretha esidlulele kuMshunqisi noMbuso Khoza Isithombe: INSTAGRAM

UMCULI oqhakambisa amasiko uMbuso Khoza usetuse abanikazi bengoma ethi amaNazaretha ngokuthatha ibandla lakwaShembe balibeke kwelinye izinga ngale ngoma yabo esidlalwa kakhulu.

UMbuso ufake ekhasini lakhe kwiFacebook, i-video esestudiyo nophrojusa uCosta Dollar noDladla Mshunqisi asebenza nabo njengoba le ngoma izokhishwa kabusha.

“Siqopha umlando njengoba kungokokuqala lokhu esikwenzayo, ukuthatha amaNazaretha siwabeke kwelinye izinga ,” kusho uKhoza.

Bekhuluma neSolezwe abanikazi bengoma okunguMndeni “FamSoul” Mchunu, no-Andile “Ma-Arh” Mthethwa, baseMlaza, bathe imashi enkulukazi yakwaShembe yangonyaka odlule, eyayisenkabeni yedolobha eThekwini, yabagqugquzela ukuthi baqambe le ngoma.

“Kuyintokozo kithina futhi ngicabanga ukuthi kuyiphupho lanoma yimuphi umculi ukukhiqiza ingoma ethandwayo nesisezandleni zezinkakha zabaculi,” kusho uFamSoul.

Elandisa ngengoma yabo enesigqi segqom’ negabe ngezinsimbi zakwaShembe, uthe bobabili abakhonzi kwaShembe futhi alikho ibandla abamataniswa nalo kodwa bayakholelwa kuNkulunkulu nasemadlozini.

UMa-Arh uthe baqale ukusebenzisana noFamSoul ngo-2014, kuze kube yimanje basanobudlelwane obuhle.

Le ngoma seyike yagxekwa ezinkundleni zokuxhumana bekhala ngokuthi izokwehlisa isithunzi sebandla lakwaShembe njengoba idlalwa ezindaweni zobumnandi.

Ephawula ngokugxekwa kwengoma yabo, uthe noma ngabe kukhona abangagculisekile, kodwa abakhathazekile bona ngoba bayazi ukuthi babengahlosile okubi ngengoma.

“Ngesikhathi siyenza sasingaqondile ukwehlisa isithunzi samaNazaretha kodwa sasincoma futhi siqhakambisa ubuhle benkolo yamaNazaretha,” kuchaza uMa-Arh.

Akusiyo ingoma yokuqala eqanjwa ngokuthi amaNazaretha, noThokozani Langa unengoma enalesi sihloko.

Yize isinesikhashana iphume ngokusemthethweni, kodwa idlalwa kakhulu khona futhi sebebaningi oDJ abayidlalayo ezindaweni zobumnandi.

Baphethe ngokuthi okwamanje azikho izinhlelo zokukhipha i-albhamu kodwa basazoqhulula izingoma ezihamba zodwa kuze kube abalandeli bayayilungela i-albhamu.