Ezokungcebeleka Umculo

Isililo kushona ingwazi ye-jazz

Charles Khuzwayo|Published

UPHILANI Ngidi udlule emhlabeni ekuseni namhlanje Isithombe: FACEBOOK

Kukhalwa nxazonke ngokudlula emhlabeni kukamakadebona womdlali wesigingci sebhesi waseThekwini, uPhilani Ngidi.

Izindaba zokushona kukaqolothakamango zidalulwe wumfelokazi wakhe ngesitatimende asinameke ekhasini likaFacebook wale ngwazi ngoMsombuluko ntambama.

"Kubuhlungu ukunazisa ukuthi isithandwa sami, umyeni wami obenekhono eliyisimangaliso futhi emuhle, ubaba wabantwana bami, uzakwethu futhi umngani wami omkhulu ushone ekuseni. Ngiyabonga kakhulu kunina nonke ngemiyalezo nangezingcingo. Ngiyaxolisa ukunazisa ukuthi angikwazi ukuniphendula nonke."

UPHILANI Ngidi udlule emhlabeni ekuseni namhlanje Isithombe: FACEBOOK

Kumaciko adlulise imiyalezo ngokushona kukaNgidi kubalwa ingwazi ye-jazz u-Ernie Smith, umculi wokholo uThulani Gah Ndlela nomzwilili uNatalie Rungan.

Eqhuba umkamufi ube esenxusa ukuba kubekwe umndeni wabo emthandazweni njengoba usesemanzini. Ubuye wacela ukuba abantu bacabange umufi ngendlela abeyindoda eyisimangaliso ngayo nebinomusa. UNgidi ngomunye wezingwazi zomculo we-jazz eziyibekile induku ebandla emculweni.

Ngaphandle kokudlalela iqembu lezintokazi, Afro Divas, isigingci sebhesi kodwa ubuye wasebenza nezihlabani ezidume umhlaba wonke ezinjengoMahotella Queens, uThemba Mkhize, Vicky Sampson noJudith Sephuma.