ISIHLOKO: African Bird
UMCULI: Khanyisile Mthetwa
UHLOBO: Classical Music/Poetry
UMHLAZIYI: CHARLES KHUZWAYO
NGISAKHULA eminyakeni eyedlule kwakunabafana ababefutha imitshingo eyayakhiwe ngoqalo. Ngivele ngakhumbula leyo minyaka ngesikhathi ngilalela lolu nqambothi lwecwecwe likaKhanyisile Mthethwa.
Lo mfuthi we-flute (umtshingo) waziwa kakhulu emculweni wezimfijoli njengoba eseke wasebenza ne-Eastern Cape Philharmonic Orchestra neJohannesburg Philharmonic Orchestra. Umculo wakhe ngowabantu abanolwazi olujulile ngomculo njengoba esenamava. Kuyasho ukuthi useke waba ngumuntu wokuqala wase-Afrika ukuklonyeliswa ngomfundazwe weMyrna Brown Scholarship yiNational Flute Association of America, kanti uneziqu zobuchwepheshe bokunandisa nge-flute zaseTrinity College of London, e-United Kingdom (UK).
Wake wahlabana ngomklomelo weMbokodo Award emkhakheni we-Opera/Classical Music ngo-2019, futhi ungomunye wabadlali bezinsimbi abavelele e-Afrika nasemhlabeni jikelele. Ngakho angimangalanga uma le albhamu yakhe esihloko sithi African Bird, iqokwa kumaSama28 akulo nyaka, emunxeni weBest Female Artist, Best Newcomer nakoweBest Classical/Instrumental.
Yingoba iqukethe ulozolo lomculo olungasoze wabuna. Ingoma engihlabe umxhwele ngethi Africa My Native Land Poem, okuyinkondlo ethakwe neculo eladunyiswa wuLetta Mbulu elithi Jikijela Ngamatshe.
Abanye abapikwe kule albhamu ngoPeter Cartwright, Irene Morrick neThe Running of The Bull. Njengoba kuyinyanga yabantu abasha, uKhanyisile wenze ingoma esihloko sithi 1976 Poem. Ezinye izingoma ngezithi Wish Sonatine, Intokazi Yelanga- Khanyo's Tango, Winter Solstice, Location Fires Poem, Omuramba, Four Legends, Black Beauty Poem ne-One Lingering Quasa.
Nakuba umculo kaKhanyisile umnandi kodwa alikho isoka elingenasici. Akufanele adume ngaphandle njenge-generator. Kuzodingeka kwicwecwe elilandelayo enze izingoma nabaculi bakuleli abadumile. Okunye futhi athi ukuxegisa ezinkondlweni zeciko elilodwa. Noshukela uma sewumningi uvamise ukuba yisidadada bese uyacika. Ngakho kuhle ibe yodwa noma zimbili. Sengiphetha, uma uzifela ngomculo wangempela, kuzofanele ube nayo le albhamu.