YIZE sekuphele iminyaka emihlanu ingwazi yomculo wokholo, uSifiso Ncwane, yadlula emhlabeni kodwa isilonda sokushona kwayo asikapholi enhliziyweni yendodakazi yayo, uSinqobile Mzelemu. USinqobile (23) wasesigodini saseMahwaqa, eMthwalume uze wakhiphela bonke ubuhlungu bakhe engomeni ahlonipha ngayo uyise esihloko sithi Hamba Kahle. Empeleni uSinqobile yingane eyatholwa nguSifiso ngaphandle komshado kuNeli Mzelemu futhi wayeneminyaka engu-16 ngesikhathi uyise edlula emhlabeni ngoDisemba 2016. USinqobile uthe leli culo walibhala ngaphambi kokuba uyise angcwatshwe futhi ezimisele ngokumvalelisa ngalo enkonzweni yesikhumbuzo kodwa kwagcina kungenzekanga.
Ebuzwa ukuthi uqale nini ukuzibona ukuthi inekhono lokucula, uSinqobile uthe waqala ngesikhathi esafunda emabangeni aphansi.
"Kwakuthi uma kunemicimbi esikoleni kube nabantu abakhipha imali bathi bacela ngicule. Babevamise ukuthi bathi angicule izingoma zikababa. Ngaleso sikhathi ngangingakazi ukuthi ubaba wami. Udaba lwakhona lwaduma kwaze kwenziwa nolibofizo. Nami ngangithi uma ngizicula ngibe nosizi futhi ngihlengezele izinyembezi." Uthe akaculi ngoba uyise ayengumculi noma efuna ukuhamba ezinyathelweni zakhe kodwa ukuhlabelela kuyikhono azalwe nalo.
"Ukucula nje yinto engiyithandayo ngoba ngisho sizihlalele ekhaya ngike ngithi asicule. Esontweni sinekhwaya siyacula. Sake saya nakoSA's Got Talent, ngihamba nabangani bami." USinqobile uthe uyafisa ukuba uSifiso azi ukuthi uzizwa kanjani ngaye.
"Ngangifisa ukuba nesikhathi esiningi naye, nami nje ngithole lolo thando kubaba. Noma ngangingeke ngilithole lonke kodwa ukuthola nje oluncane. Ayikho ingane engamdingi ubaba eduze kwakhe.
"Ngiyamthanda futhi ngiyamkhumbula kakhulu," kuphetha uSinqobile oqopha ngaphansi kwenkampani yomsakazi weNtokozo FM uFabulous Ndwalane iFabulous Music Records. UFabulous uthe wacelwa nguye uSinqobile ukuba amsize ukuze akhiphe i-albhamu. "Ngibe sengimqopha ngaphansi kwenkampani yami engikhiphe kuyo le ngoma ethi Thoko futhi ebengiyiqophela i-video ngoMgqibelo owedlule," kuphetha uFabulous.