UHLOMULE ngendondo yakhe yokuqala umculi wowokholo uDumi Mkokstad, emcimbini wayizolo wamaSouth African Music Awards.
UDumi selokhu angena emculweni wokholo ubengakaze ahlonishwe ngendondo kulo mcimbi.
Lo mcimbi ubusakazwa bukhoma kuMzansi Magic nakwiMuze ngo-9.30 ebusuku.
Kuleli sonto kuzomenyezelwa abahlomulile kulo mcimbi okuzoze kugcine ngoLwesihlanu ebusuku.
UDumi uhlabane ngendondo yeBest Traditional Faith Music Album.
Emkhakheni obubhekwe kakhulu weNewcomer of the Year: iNdabo Zulu & Umgidi Ensemble for Queen Nandi: The African Symphony, likhale lemuka nale ndondo.
Leli qembu liphinde lahlabana ngendondo yeBest Jazz Album.
Omunye umkhakha obubhekwe ngabomvu oweBest Maskandi Album nalapho uThokozani Langa, ekhale wemuka nale ndondo.
Ngokusho kokhulumela amaSama, uLesley Mofokeng, uthe lo mqhudelwano uzokwenzeka kuze kushaye * -Agasti 7 ngesikhathi esifanayo.
Uthe phakathi kwabaculi abazobe beshiyelana inkundla kubalwa uNasty C, Sbu Noah, Kabza De Small, Sha Sha, Amanda Black, Blaq Diamond, Ndlovu Youth Choir, Big Zulu, Judith Sephuma, Ami Faku, Yang Chief & 25K, Dumi Mkokstad, The Plastics, Muzi, Holly Rey noVigro Deep.
Kwabazobe bephethe uhlelo ngusomahlaya uDonovan Goliath nomlingisi uDineo Langa obenguKea Khoza kwiThe Queen. Emacikweni aqhudelanayo kukhona uPrince Kaybee, KO, DJ Zinhle, Lady Zamar, Semi Tee, Black Coffee, Samthing Soweto, Blaq Diamond, Khuzani, Abafana BakaMgqumeni, Thokozani Langa, Sgwebo Sentambo, Qadasi & Maqhinga, Zingane Zoma, Davido, Bongo Maffin, Benjamin Dube, Tellaman nabanye abaningi.
Ezinye izindondo ezimenyezelwe izolo zime kanje:
Best Traditional Music Album:
Ungabanaki kaQadasi noMaqhinga.
Best Collaboration: Say U Will kaK.O featuring Nandi Madida
Best African Indigenous Faith Album: Lona Ba Ratang Ho Phela ka-Amadodana Ase Wesile
Beste kontemporêre Musiek Album:
Sterker kaRiana Nel
Rest of Africa Award:
A Good Time kaDavido (Nigeria)