UMHLELI weDrakensberg Extravaganza, uSipho Ndaba, unxuse izinkampani ezizimele nohulumeni ukuba kufake isandla ekuxhaseni imicimbi ngoba bacwila ezikweletini ngenxa yokufukula nokujabulisa umphakathi.
USipho ukusho lokhu kunomcimbi wakhe waminyaka yonke oseBergville oqale ngesonto eledlule.
Uqale ngoLwesihlanu, uyoze usongwe ngeSonto.
“Abahleli bemicimbi abenzi nzuzo ngayo ngoba abaxhasi bayagqoza kodwa bakhetha ukuqhubeka ngoba abantu bayazuza kakhulu ngayo. Ukube imicimbi ayibi khona nhlobo ngabe baningi abalimalayo hhayi thina nabantu kuphela kodwa nabasebenzi abenza umcimbi ube khona ngabe bonke bashayekile. Ngakho siyanxusa ukuthi noma ngubani ongafaka isandla asize, hhayi mina kuphela kodwa nabanye ozakwethu esiyibambe nabo kule ndima,” kusho uSipho.
I-Extravaganza ihlanganisa izingqungquthela zokucobelelana ngolwazi kwezobuciko namasiko, ukulima nomhlaba, ukuvakasha nabantu abasha. Kubuye kwaba nomjaho ka-10km obunabagijimi abebengeqile ku-500. Kube nenhlolokhono yabaculi bendawo abazocula kwi-picnic yokusonga yonke into ezoba ngeSonto eWoodstock Dam.
Ekuqaleni kwesonto umculi uSjava ufake uhla lwemicimbi aqashwe kuyo ngoDisemba wabala nayo iDrakensberg Extravaganza.
USipho ukuqinisekisile ukuthi indumezulu yekhonsathi izoba khona ngoMgqibelo kodwa kuzongena ingcosana yabantu.
“Sengifile yizingcingo zabantu bebuza ngamathikithi ngoba bafuna ukuba semcimbini. Inkinga yimithetho yokunqanda ukubhebhetheka kweCovid-19 engakuvumi ukuthi abantu beqe ku-500 kuhlanganisa nabasebenzi. Sizodayisa ingcosana yamathikithi eComputicket azotholwa ngabantu abazofika kuqala.”
Ikhonsathi izoqala ngo-3 ntambama kuze kube u-11 ebusuku. Ngaphandle kukaSjava uSipho uthe kuboshelwe uBig Zulu, Blaq Diamond, Naima Kay, DJ Sbu nabanye.
“Esizokwenza wukuthi abangeke bawathole amathikithi bazokwazi ukuyibuka bukhoma emakhasini eDrakensberg Extravaganza ezinkundleni zokuxhumana.”