UKUQONDA ubukhulu besiphithiphithi sobumnandi obuzobe buseThekwini namaphethelo ngale mpelasonto yomcimbi ongeminye yemikhulu ezweni womjaho wamahhashi iHollywoodbet Durban July, enye yezindawo zokudlela ezinze eMhlanga isihlele idili lwenhlabaluhide yemicimbi yobumnandi ezothatha impelasonto yonke ukujabulisa abantu.
Lo mcimbi uzoqala ngoLwesihlanu ngobizwa nge-Platinum Arrival, okuzobe kuboshelwe kuwona abaklwebhu bamapuletu abathandwayo ukudoba abantu okukhona kubona uKelvin Momo, DJ Fresh, Thuli P, Lamiez Holworthy, DJ Sonic, DJ Sox, Ndloh JNR, DJ Lyquid, Teza, Bhunu Brill, Teza nabaphathi bohlelo oMinnie Ntuli weGagasi FM nomlingisi uSwazi Mokoena. Kulowo kuzobe kungenwa ngama-package ehlukene aqala kuR10 000 kuya kuR50 000 ngokwehlukana kwesibalo sabantu ukuthi bangaki nokuthi bathenga ini.
Umhleli waleli dili lomcimbi uNksz Tracy Khathi uthe bajabule ngokukhuza ibuya ngalo mcimbi, ihlandla lesibili nonyaka, kulandela ukuthatha isinqumo sokuwenza okokuqala nyakenye, emva kokunquma ukungabe besaba netende lobumnandi kwiDurban July, abese belende iminyaka emibili ngo-2022 nango-2023.
"Sabona ukuthi akusizi ukuba netende kulo mcimbi ngoba sigcina sikhipha imali eningi kepha singayitholi inzuzo esisuke siyibhekile ngalokho, sase sinquma ukuthi sizenzele owethu umcimbi ngale mpelasonto ukujabulisa abantu abasithandayo nabakhonze ukuzojabula endaweni yethu. Nyakenye siwubonile umehluko kwinzuzo esiyenza ngale mpelasonto, yingakho nakulokhu sinqume ukuthi sibuye nawo futhi," kusho uNksz Khathi.
NgoMgqibelo lo mcimbi uzoqhubeka nge-After Party, ezoqala ngo-10 ebusuku nezobe ibheke ukwamukela abantu abazobe bephuma emcimbini womjaho wamahhashi, kuzobe kuboshelwe oZee Nxumalo, Scotts Maphuma, Morda Bongz, Gazza, Professor, The Billionaires, Sphectacula & DJ Naves, Funky Soul, DJ Cndo, Slenda Da Dancing DJ, DJ Lyquid nabaphathi bohlelo oNjabs Zwane weGagasi FM nomlingisi uSwazi Mokoena.
"Lona siwuhlelele ukuthi samukele abantu abathanda ubumnandi abazobe bephuma emcimbini womjaho wamahhashi ngoba siyazi ukuthi kusuke sekuqedwe yonke into kuwona ngabo-10 ebusuku, kanti thina kuzobe kuyikhani siqala owethu umcimbi ozonda kuze kuse ekuseni," usho kanje.
Bazobe sebewuvala ngomcimbi womculo opholile ngeSonto lapho kuzobe kuboshelwe khona amaciko okukhona kuwona uDJ Young, Sentle Lehoko, Paul Mtirara, Msizi Shembe, Thee Dynamite, Lesego DM, DJ Mazola, DJ Muntu, Bambo Johnson, Kay R, DJ Lyquid, Zandi nomphathi wohlelo u-J Sbu.
Emcimbi wangoLwesihlanu kuqalwa ngo-6 ntambama, kuthi ngoMgqibelo kuzoqalwa ngo-10 ebusuku, bese kuthi ngeSonto kuzobe kuqhuba ingoma usuku lonke. NgoMgqibelo nangoLwesihlanu kungenwa ngoR500 umuntu emunye.