NKOSIKHONA CELE
KUDUMA amakhanda kwabomndeni ka-Andile “Andileh DJ” Mkhize, odutshulwe ngoLwesine kusihlwa ngezinhlamvu ezingu-15 ngaphandle kwesango lakubo, e-Unit 3, eMbali, eMgungundlovu.
Kuthiwa lo DJ obedumile KwaZulu-Natal, ubepake ngaphandle kwakubo ngesikhathi kuqhamuka abantu abangaziwa, abangabuza lutho, bamane bavulela ngenhlamvu amahlandla amaningi bebhekise ngqo kuyena.
Kuthiwa udubuleka emzimbeni nasekhanda maqede kwamenela kuyona indawo yesigameko. Abasolwa kuthiwa banyamalale ngokuphazima kweso. Lesi sigameko kuthiwa sishiye amalungu omphakathi ebambe ongezansi.
Uyise kamufi obezwakala edumele, uMnuz Nkosinathi Ngcobo uthe namanje kusaduma ikhanda kuyena akazi ngampela ukuthi yenzeni indodana yakhe ukuthi isingaze ibulawe ngesihluku salolu hlobo. Uthe inhliziyo yakhe ibuhlungu namanje akakayikholwa lento eyenzekile.
“Umntanami udutshulwe ngabantu ngabo-8 kusihlwa izolo (ngoLwesine). Namanje asazi ukuthi ubenzeni le edala ukuthi aze abulawe kabuhlungu kanjena,’’ kusho uNgcobo, ekhulumela phansi.
Eqhuba, uNgcobo uchaze indodana yakhe njengomuntu wabantu futhi obenobudlelwane obuhle nabanye abantu. Uthe yingakho besakhungathekile ngalo mshophi futhi bagqemeke engeqiwa ntwala ngokubulawa kuka-Andile.
“Simphuthumise esibhedlela e-Edendale, sizitshela ukuthi usaphila. Kuthe uma sifika khona udokotela wasitshela ukuthi indodana wami isishonile,’’ usho kanjena.
Uveze ukuthi u-Andile ushiye emhlabeni izingane zakhe ezimbili. Unina omncane ka-Andile, uNksz Nqobile Mkhize uthe isimo sishubile ekhaya ngoba namanje kusaduma amakhanda kubona njengomndeni. Wathi namanje basazibuza, bayaziphendula ukuthi ingampela kwenzekeni?
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu Natal, uColonel Thembeka Mbele, usiqinisekisile isigameko. Uthe amaphoyisa asePlessislaer, aphenya icala lokubulawa kowesilisa waseMgungundlovu, okwenzeke ngoLwesine kusihlwa.
“Kusolakala ukuthi kudutshulwe kwabulawa owesilisa olinganiselwa eminyakeni engu-37 yobudala. Udutshulwe engaphandle kwalapho ahlala khona, eduze kwemoto yakhe abeyipakile eceleni eMbali. Uthole ukulimala emzimbeni kanjalo nasekhanda. Ube eseshona khona lapho endaweni yesigameko. Inhloso yokubulala ibingakaziwa,’’usho kanje.
Lishone elayizolo sisikhulu isililo ezinkundleni zokuxhumana ngokubulawa kuka-Andileh DJ, obebuye aziwe ngelikaMakhekhe.