Ezokungcebeleka Umculo

IMambazo yethula amalungu amasha ngomjikelezo

Fanelesibonge Bengu|Published

ILadysmith Black Mambazo 'entsha' ngaphandle kuka-Albert Mazibuko osethatha umhlalaphansi

Image: Sithunyelwe

I-LADYSMITH Black Mambazo isebenzisa umjikelezo wayo wokugubha iminyaka ewu-65 ukwethula amalungu amabili amasha njengoba omunye wabasunguli, u-Albert Mazibuko, esethatha umhlalaphansi.

UMazibuko (76) wasungula leli qembu noJoseph Shabalala owashona ngo-2020, esathatha umhlalaphansi ekuculeni.

Njengoba esethi khumu uMazibuko, sekwethulwe amalungu amasha okunguGagamela Shabalala noBabuyile Shabalala, ngokusho kwemenenja yeqembu uXolani Majozi.

U-ALBERT Mazibuko ogcinayo kulo nyaka ukubonakala enandisa neLadysmith Black Mambazo

Image: Instagram

"Ubaba uMazibuko uthatha umhlalaphansi kulo nyaka ngakho umjikelezo kuzoba owokugcina ebonakala ecula. Usazoba yingxenye yeqembu ngoba usewumqemane futhi siyamthanda njengenqolobane egcine umlando kwazise ungomunye wabasunguli osasele. Ngoba besise-United States of America (USA) nje, sinandise ezindaweni eziwu-39 okuyinto ekhathazayo kumuntu osekhulile. Njengamanje kujoyine abazukulu ababili bakababa uShabalala okunguGagamela oyindodana kaSibongiseni Shabalala noBabuyile Shabalala, ozalwa wuMsizi Shabalala. Baqale ukucula kulo mjilezo wase-USA esibuye kuwo ekuqaleni kwenyanga," kuchaza uMajozi.

Uthe umjikelezo uqala kusasa ngoMeyi 1, eJoburg Theatre, kuze kube yiSonto.

"Njengoba iqembu lineminyaka engaka endimeni sibe sesihlela amadili omculo. Elokuqala leli eliseJoburg Theatre. Ngoba ngoLwesine kuyiholidi siqala ango-4 ntambama. NgoLwesihlanu nangoMgqibelo sizoqala ngo-7.30 ebusuku kuthi ngeSonto siqale ngo-3 ntambama."

Uthe basazohambela nezinye izindawo okuyiseThekwini, ngoSepthemba, eKapa, ngo-Okthoba nasePitoli.

Kuzo zonke izindawo uthe bafike babhulelwe amazolo ngamaqembu abawavumbulula ngesikhathi behlwaya ithalente ngaphansi kweLadysmith Black Mambazo Mobile Academy.

Udalule ukuthi njengoba bethule amalungu amasha bakhombisa khona ukuthi iqembu aliyi ndawo.

"Kune-albhamu ephekwayo esisebenza namaciko ahlukene kuyo. Sifuna ukwethula iMambazo egengeni esencane. Njengoba ubona ubaba uMazibuko ukuthi ungakanani kusho khona ukuthi kunabalandeli asebeqinile ngakho abancane asifuni basale ngaphandle."

Amathikithi omcimbi waseJoburg Theatre adayisa e-webticket nasePick n Pay ngemali eqala ku-R250.