IZOQHUBEKA kuze kube wunyaka ozayo imigubho yeLadysmith Black Mambazo, ejabulela ukuhlanganisa iminyaka engu-60.
Imigubho yeqembu iphazanyiswe wukushona komsunguli walo ngasekuqaleni konyaka, uJoseph Shabalala, owashona esesibhedlela ePitoli emuva kokugula.
Kuphinde kwahlasela igciwane iCorona, okwenza amalungu eqembu abuye naphesheya kwezilwandle lapho ayekhona nemigubho eyayihlelwe eNingizimu Afrika yahoxiswa.
Imenenja yeMambazo, uXolani Majozi, itshele leli phephandaba ukuthi imigubho izoqhubeka.
"Ukugubha iminyaka engu-60 kakufani nokugubha usuku lokuzalwa lapho wenza khona iphathi, nijabule usuku olulodwa. Ukuhlanganisa iminyaka engu-60 niyiqembu yinto enkulu kabi. IMambazo njengoba yasungulwa ngoMeyi nemigubho izoqhubeka kuze kube wuMeyi wonyaka ozayo," kusho uMajozi.
Uthe ngabe bakude kakhulu nemigubho yabo ukube akubanga khona izingqinamba ezahlukene ezibaphazamisile.
"Eminye imigubho sizoqhubeka nayo kuze kube wunyaka ozayo, uma nemithetho yomvalelandlini isithanjiswa."
NgoMgqibelo, Amambazo abenekhonsathi ePlayhouse, eThekwini lapho abeshiyelana khona inkundla noMbuso Khoza.
NgeSonto nangoJanuwari 3 azoba namanye amakhonsathi, azosakazwa kuMzansi Magic Music (DStv channel 321) ngo-5 ntambama. Uhlelo luzophathwa ngumsakazi weGagasi FM uHope Mbhele. Kuzobe kunandisa Unathi, AKA, Vusi Nova, Mondli Ngcobo, Naima Kay, Malini, Kholenso Abafana Benkokhelo nabaculi beLadysmith Black Mambazo Mobile Academy.