Iqembu lomculo iMafikizolo, ligubhe iminyaka engu25 lisendimeni yomuculo ngokukhipha ingoma yokuhlonipha omamezala abaphethe kahle omakoti bakwabo ngengoma entsha ethi Mamezala.
Le ngoma abayikhiphe ngesonto eledlule, bapike kuyona uSimmy noSun-El Musician.
Leli qembu likaNhlanhla Nciza noTheo Kgosikwe langena endimeni yomculi kuleli ngo1996.
Ngesikhathi befika kulo mkhakha bakhipha izingoma okukhona kuzo ethi Ndihamba Nawe nethi Masthokoze, okuyizingoma abantu abathanda ukuzidlala kakhulu emishadweni.
UNhlanhla Nciza uveze ukuthi isitayela sabo esihlukile sokugqamisa izingubo zakudala nokwenza izingoma ezithinta uthando yikhona okubabeke lapho bekhona manje.
“Singelinye lamaqembu akuleli amadala kakhulu alokhu eqhubekile nokuyibamba emculweni. Ukugubha yonke le minyaka sikhethe ukuthi sikhiphe le ngoma ngokuhambisana ne-video. Kule ngoma sivele sacabanga izwe esiqhamuka kulona elinemicimbi eminingi ngakho le ngoma izoqhubeka nokubajabulisa abantu bakuleli emicimbini,” kuchaza uNhlanhla.
Uthe ingoma inesigqi esifanayo nezinye izingoma asebeke bazikhipha phambilini.
“Sihlonipha omamezala ngale ngoba, kodwa akunoma yimuphi i umamezala esimhlonipha ngayo kodwa yilowo okwazi ukwamukela umakoti ngendlela efudumele. Siyabonga kakhulu nakubantu esisebenze nabo okukhona kubona nomqondisi wale video uDale Fortune.
“Uthando olukhona manje phakathi kwendlu emnyama siyalugqamisa kakhulu kule ngoma njengoba kuyinto enhle, kuba kuhle ukubona abantu bethandana. Ukwenza ingoma noSimmy kube yinto ebesifuna ukujabulisa ngayo abantu njengoba naye ezakhele igama ngokwenza izingoma zokugubha imicimbi yokujabula ehlukene," kuchaza uNhlanhla.