INDLOVUKAZI yomculo wokholo uRebecca Malope, ithi kuyisibusiso ukuhlonishwa isaphila ngomsebenzi wayo esiwenze iminyaka engaphezu kuka-40.
URebecca umenyezelwe njengozohlonishwa ngendondo yeLifetime Achievement kumaBasadi in Music Awards. Le miklomelo okuzobe kungokwesine ikhona, kanti izoba seJo'burg Theatre, eGoli, ngo-Agasti 2.
Ekhuluma neSolezwe uRebecca, uthe uyachichima yinjabulo ngalokho.
“Ngibonga izibusiso zikaNkulunkulu nokuthi ngihlonishwa ngisaphila. Wumuzwa omnandi ogcwele isibusiso. Ngiyabonga kuNkulunkulu okusho ukuthi ngimsebenzele kahle,” kusho uRebecca.
Le ngwazi yodumo lwezingoma okubalwa kuzo iMoya Wami, Ngegazi LeMvana nezinye, izobe ingaqali ukuhlonishwa ngalo mklomelo.
KumaMetro FM Music Awards ayeseMbombela, ngoMeyi, yathola indondo efanayo.
“Ngiyabonga kubantu baseNingizimu Afrika ukuthi abasinikeza le miklomelo nabasibungazayo uma benza izinhlelo, bahlala becabanga negama lami liyavela. Ngibonga uthando,” usho kanje.
Ugqugquzele abeza ngemuva kwakhe ukuthi basebenze ngokuzinikela futhi bangayingabazi into uNkulunkulu abanikeze yona.
“Ungalingabazi ithalente uNkulunkulu akunikeze lona. Hlonipha ithelente usebenze kahle. Kubuhlungu ukubona umuntu omusha onethalente kodwa ithalente lakhe lize life engalisebenzisanga ngendlela,” kusho uRebecca.
Le miklomelo iqhakambisa abesifazane abenza kahle emculweni.
Phakathi kwabaqokwe eminxeni ehlukene kulo nyaka kubalwa kubo uZee Nxumalo, Pabi Cooper, Lerato Kganyago, DJ Zinhle, Azana, Makhadzi, Lwah Ndlunkulu, Nontokozo Mkhize, Xolly Mncwango nabanye.