UMxolisi “Mdumazi” Mhlongo ongumculi kamaskandi uthi akazisoli nakancane ngokushaya ngesibhakela uzakwabo uKhawulani “Njoko” Mbambo ngoba ubesemuchukuluze kakhulu, ezwa kukhulunywa izinto ezingahlangane nabebekuzele. Lezi zinsizwa besezizakhele udumo ngokungcofana ngezingoma.
“Kubalandeli bami ngingasho ukuthi ngiyashweleza ngokuthi lokhu ebebekade belindele ukukuzwa noma ukukubona bagcine bengakubonanga. Angixolisi kodwa ngokuthinteka kwaleya nkabi ngoba akubanga yiphutha,” usho kanje.
UMdumazi uthi usukume phansi esazi kahle ukuthi uyogadla kuNjoko ngoba ubesehluleka ukulalela enye insizwa imbiza ngamagama ayiziswane. Uqhube wathi ziningi izinto ezifike zamkhinyabeza ebezikhulunywa angazazi ukuthi zisuselwaphi.
UMdumazi uthi kodwa akasoli kakhulu abaphathi bohlelo ngokwenzekile. Umuntu amsola kakhulu nguNjoko ngoba nguyena ofike kuqala kunaye wakhuluma ngaye.
“Umuntu engimsola kakhulu yilo ofike kuqala kunami, wafike wabafunza konke okubi ngami, okuholele ekutheni kugcine sekungakhulunywa ngezinto ebesibizelwe zona,” kuqhuba uMdumazi.
Uveze ukuthi ubesezame kakhulu ukuzehlisa kodwa wahluleka ukulalela enye indoda imbiza ngomadlebe.
“Umfana uma ngabe ezongibiza ngomadlebe, ukungeyisa loko. Noma sekugcine kwangenza ngabukeka sengathi ngiyaphuma emgqeni. Yize ngingaziqhenyi ngokumshaya kwami kodwa ngoba naye ungumfana ngigcine sengibona ukuthi kugcono zivele zikhale khona la equpheni ngoba kusuke kungaphethwe zikhali,” kusho uMdumazi.
UNjoko ubonge kubalandeli bakhe ekhasini lakhe leFacebook ngokumeseka ngaso sonke isikhathi. Wabe esethi ngoba ungumuntu ozihloniphayo futhi obahloniphayo nabanye abantu ngeke aziphathise okwesixhwanguxhwangu.
“Abantu bamabhizinisi bayaye bengafuni ukusebenza nesidlobongela, yingakho siyaye siphile ngokuzehlisa. Kuningi engikubekezelele laphaya kodwa ngenxa yenhlonipho ngakhetha ukuzehlisa,” ubhale kanje.
Uphethe ngokuthi akaboni ukuthi basayophinde bazwane noMdumazi emuva kwesigameko esenzekile kodwa ubonga kakhulu onogada abasize ngokulawula isimo ngoba besekukubi.