ISIHLOKO: Pain Ya Jealous
UMCULI: Makhadzi
UHLOBO: Afro house
UMHLAZIYI: CHARLES KHUZWAYO
UNDIVHUDZA Raivhona, kodwa odume ngelikaMakhadzi, akafikile kodwa uthelekile emculweni womdanso.
UMakhadzi (25) akasadumile kuleli kuphela kodwa nakwamanye amazwe usezakhele ugazi emuva kokushisa izikhotha ngenoni elalithi, Matorokisi ngo-2019 nelithi Kokovha ngo-2020. Nyakenye udansise abaningi ngenoni elithi Ghanama, okuyingoma ebikwi-albhamu yakhe yanyakenye ebithi African Queen. Le ntokazi edabuka eHa-Mashamba, eLimpopo, iqhubeka lapho kwagcina khona izingwazi zakulesi sifundazwe, okubalwa kuzo uPeta Teanet, Paul Ndlovu (abangasekho), Shaka Bundu, Master KG, DJ Please Call Me nabanye. Kulokhu ubuye esehamba noMr Brown engomeni ethi Fumulani, uMaster KG kwethi Kulakwe noPlease Call Me kwethi Mmapula. Ezinye izingoma ezizochaza abalandeli bale ndoni yamanzi ngethi Mama, Mutshini, Ndi Nne, Nisarengi, Vhusiwana nethi Woza Woza. Njengoba uMakhadzi ehlonishwa nakoBotswana naseMalawi, leli cwecwe lakhe elisha lizoqhubeka nokumakhela udumo nakwamanye amazwe.