ZISHAQISE abantu abaningi izindaba zokudlula emhlabeni kwengwazi yomculi wokholo ebisho ngesihosho sezwi, uPeter "Kweks" Mokoena owaduma kwiPure Magic ngenoni elalithi Bhayi Lami nelithi Umuzi Wami.
Izindaba zokushona kukaPeter ziqinisekiswe ngokhulumela umndeni, uMnuz Steve Tsie. Uthe umphefumulo kamufi uphumele esibhedlela saseKrugersdorp iDr Yusuf Dadoo izolo, ngezithuba zabo-8 ekuseni emuva kokuphuthunyiswa khona exinwe yisifo esihlobene neCovid-19.
Ushona nje uPeter, ngonyaka owedlule uqophe ingoma ebiqwashisa ngeCovid-19 ebisihloko sithi Thesta Corona kanti eminyakeni emibili eyedlule ukhiphe i-albhamu yakhe yakamuva esihloko sithi Asambeni.
UPeter uzokhunjulwa kakhulu ngenoni elithi Bophelo Baka nelithi Ke Mang. Abaningi bazomkhumbula ecula noDeborah Fraser engomeni eyayithi Abanye Bayombona. Wabuye wahlabelela ngokuhlanganyela noMaduvha eculweni elithi Rea Go Leboga noBrenda Fassie engomeni yokholo eyayithi Kenang Bohle. Yena noDeborah benza ingoma eyayithi Ngibe Muhle Nami. Naseculweni eladumisa uLundi elisihloko sithi Mphefumulo Wami liyezwakala izwi likaPeter eliyisihosho.
UPeter wabuye wazakhela udumo esecula eqenjini likaChicco Twala elalididiyele abaculi abahlonishwayo kuleli nangaphandle, iMaria Le Maria, okungoBrenda Fassie, Lundi Tyamara noDeborah Fraser. Leli qembu laduma ngenoni elalithi Mbulali Wami nelithi Buwa Lenna Morena. Akagcinanga lapho kodwa wabuye walingisa emafilimini amaningi kaChicco noMadluphuthu, Brenda, Deborah, Winnie Khumalo, Steven Mnguni nabanye.
Imininingwane ngezinhlelo zokufihlwa nokukhunjulwa zizobuye zimenyezelwe ngokuhamba kwesikhathi.