Kuzokhumbuleka ukuthi iqembu belihlukene phakathi amalungu alo esecula ngawodwana. IDestruction Boyz elibunjwe nguThobani “Que” Mgobhozi noZipho "Goldmax" Mthembu, limemezele ukuthi limatasa estudiyo lihlanganisa umculo omusha.
Ngemuva kokukhiqiza ama-albhamu amathathu, leli qembu lithuse abaningi selihlukana phakathi, amalungu esecula ngawodwana.
Ekhuluma nephephandaba uGoldmax uveze ukuthi isinqumo abasithatha sokwenza umculo ngabodwa sasingasho ukuthi sekuphelile ngeqembu labo.
“Asikaze sixabane noQue kodwa besisafuna ukuzikhulisa umuntu enza umculo yedwa. Bese sisikhulu isikhalo kubalandeli bethu nokuyikona okwenze sinqume ukukhipha i-EP maduze,” usho kanje.
Uthe bazoqala ngokudedela ingoma eyodwa ngaphambi kokuyikhipha yonke i-EP, wathembisa abalandeli ukuthi ngeke baphoxeke.
UQue okhiphe i-EP yakhe yedwa ethi We Don’t Play the Same Gqom ngo-Okthoba nyakenye, uthe amaphaphu phansi kulabo abesebezitshela ukuthi ayisekho iDistruction Boyz.
“Abalindele izingoma ezizodansisa wonke umuntu njengalezo esaduma ngazo. Kumanje sesiqalile siyawathatha amagigi esiqashwa kuwona njengeqembu. Sinenkampani yaphesheya okuyiyona esesisebenzisana nayo kakhulu,” kusho uQue.
Phambilini iqembu bese lizakhele udumo nasemazweni angaphandle futhi laze lawola izindondo emicimbini njengeNamibia Annual Music Awards (NAMAs), neSoundcity MVP Awards yaseNigeria, lapho bahlabana ngendondo yeBest Group/ Duo ngengoma ethi Omunye.