IQEMBU lekwaito elike labasematheni futhi lagcina selihlukene iBig Nuz, selikuqinisekisile ukuthi lizokhipha i-albhamu yalo lihlangene kulo nyaka.
IBig Nuz ihlukane ngo-2018, emva kweminyaka isebenza ndawonye ingaphansi kwe-Afrotainment kaTira.
Linamalungu amabili okunguDanger noMampintsha, abaqale ukusebenza ngokwehlukana ngo-2018 emva kokuphuma e-Afrotainment. Kumanje banezinkampani zabo ezizimele okuyiWest Ink kaMampintsha, ne-108 Entertainment.
Nyakenye iBig Nuz imemezele ukuthi iyahlangana kodwa kuze kwaphela unyaka kungekho okuzwakalayo ukuthi yenza njani. UMampintsha umatasa enkampanini yakhe njengoba enabanye abaculi abangaphansi kwayo njengoBabes nabanye kanti noDanger umatasa kweyakhe futhi ubonakala ematasa esebenzisana noLvovo Derrango.
UDanger uthe bebengakhohlisi abantu uma bethi sebebuyelene njengoba sebeqalile ukusebenza beyiBig Nuz.
“ Isithembiso engifuna ukusenza wukuthi abantu abalindele i-albhamu yeBig Nuz ungakapheli unyaka. Kumanje kukhona izingoma esesiziqophile noMampintsha. Noma ngingenalo usuku oluqondile esizokhipha ngalo kodwa ngeke uphele unyaka. Kumanje sisebenza ngokubambisana phakathi kwenkampani yami i-108 Entertainment, West Ink ne-Afrotainment,” kusho uDanger.
UDanger uphinde waqinisekisa ukuthi ezingomeni asebezenzile kusaqophe yena noMampintsha.
Imizamo yokuthola uMampitsha ayiphumelelanga.