Leli qembu libunjwe ngabasakazi bohlelo lwantambama phakathi nesonto kwiMetro FM, uSphectacula noDJ Naves.
Ekuqaleni kwalo nyaka laba baveza ukuthi bazohambela izindawo ezahlukene begubha ukuhlanganisa iminyaka engu-10 besebenza ndawonye. Ukubhebhetheka kweCorona nokwethulwa kwemithetho yomvalelandlini kunyomfe izinhlelo zabo.
“Akukho esingakwenza ukushintsha lesi simo. Esikujabulelayo nje wukuthi sisakwazi ukwenza umculo futhi sisakwazi nokungenisa imadlana yokuphila. Ngesikhathi kuqala umvalelandlini sibona imicimbi eyenzeka nge-internet yanda, sakucabanga ukuthi senze owethu ngoba sasihlele umjikelezo owaphazamiseka. Sabuye sabona ukuthi ukwenza into ezoba kwi-internet ngeke ize ibe namandla njengokuhlangana nabantu,” kusho uSphectacula.
Labo DJ basanda kukhipha ingoma yabo entsha ethi Thelumoya abapike kuyo iJaziel Brothers noCassper Nyovest. Kuyona baxube i-hip hop nomculo wokholo njengoba bethi ukuphuma kwayo kufakazela ukuthi bangamakhosi angempelasonto njengoba benomculo ongadlalwa ngoLwesihlanu, uMgqibelo nangeSonto.
“Ingoma yenza izimangaliso, abantu bayayithanda ngoba idlala emsakazweni. Sinesivumelwano neSABC sokuthi ingoma iphushwe khona izinsuku ezingu-10 bese iyaqala ukutholakala ezitolo zomculo ze-internet. Ivele yaba phambili kuma-charts emahoreni angu-24. Imfihlo yethu wukuthi sizinikeza isikhathi ngaphambi kokukhipha.
“Ngonyaka odlule sakhipha iNgeke ngo-Ephreli, ngoJanuwari kulo nyaka sakhipha i-Okokoko njengoba sesikhipha lena ngo-Agasti.”
Uthe banazo izingoma ezingahlanganisa i-albhamu kodwa abajahile ngoba bakholwa wukuthi ukuyiphusha kumele baye ngqo kubantu okuyinto okunzima ukuyenza okwamanje.