IQEMBU iLadysmith Black Mambazo lisebenzise isikhathi sokuvalwa thaqa kwezwe ngokuthi livundulule ithalente laphinde lahlomisa ngolwazi ngokuqopha ama-albhamu abaculi elibavundululile.
Leli qembu elinezindondo ezinhlanu zamaGrammy lisiza amaqembu ayisishiyagalombili asezifundazweni ezahlukene eNingizimu Afrika acula isicathamiya ne-acappella. Limemezele lokhu izolo ngesikhathi lihambele eThekwini.
Imenenja yeqembu, uXolani Majozi, ithe la maqembu azoqopha ngokuhlanganyela ingoma naMambazo ekhuza ukuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane kwenziwe ne-video yayo.
Eminyakeni emithathu edlule, liqale uhlelo iLadysmith Black Mambazo Mobile Academy lokuhambela izifundazwe livundulule abaculi abafuna usizo. Ngonyaka odlule lwamiswa ngenxa yeCovid-19.
“Kwezinye izindawo besizihambela namajaji ahlukene ngenxa yokuthi Amambazo abephesheya kodwa manje akhona, ayakwazi ukucobelela amaqembu ngolwazi,” kusho uXolani.
Uqhube wathi ngeke bagcine ngokwenza ingoma naMambazo kodwa bazokwenza ama-albhamu amaqembu ngokwahlukene bese bewenzela nama-video ezingoma.
NgoLwesibili nayizolo, iqembu beliseBat Centre, lapho belicobelela khona ngolwazi iqembu i-Africa Mamas base beqopha i-video. Izolo futhi belihlangene neqembu iNongoma Abafana Bentuthuko bese kuthi namhlanje lenze i-video yayo.
Uthe ngesonto elizayo abeMambazo bazodlulela eKimberly, Bloemfontein, Limpopo, Cape Town, North West bese kuba nokhukhulelangoqo wengqungquthela yokucobelelana ngolwazi kwezomculo eWushwini Arts Centre, KwaNgcolosi, ngoJulayi 10. Ngemuva kwayo, uthe kuzobe sekuqoshwa ikhonsathi ezosakazwa ezinkundleni zokuxhumana nakuthelevishini ngoJulayi 16.