UMCULI we-Afro soul wasePort Shepstone, uMlindo The Vocalist, uphumele obala okokuqala ngokhwantala obelumbambile ngenxa yengcindezi abeyifakwa ngabalandeli.
Ekhuluma ekhasini lakhe le-Instagram, uMlindo uthe ingcindezi imenze wathatha isinqumo sokuyeka ukukhuluma bukhoma nabalandeli.
"Bengingasakwazi nokufaka isithombe ngoba benilokhu ningibuza nge-albhamu. Ayiyinhle neze leyo nto. Ngiyacela lokho ningakwenzi komunye umuntu. Beyingifakela ingcindezi ngoba akukhona ukuthi bengingafuni ukunenzela umculo. Bengiphezu kwalezo zinhlelo kodwa izinto bezimapeketwane ngakimi." UMlindo uke wangabona ngasolinye noDJ Maphorisa.
UMaphorisa ubekhala ngokuthi uMlindo wamudla izithende benemenenja yakhe, uNyiko Bilankulu. UMaphorisa, okunguye owavumbulula ikhono likaMlindo, wathi nguye owaletha uMlindo eGoli futhi waze wamtholela umphathi kanti bazomudla izithende.
Nakuba uMlindo anqaba ukuphawula kodwa wafaka isitatimende ezinkundleni zokuxhumana, esasenziwe ngumngani wakhe, uHoward Gomba. Isitatimende sasithi uMaphorisa waxabana noMlindo ngoba wayemphoqa ukuba angene emculweni wama-piano futhi acule ngokuhlanganyela nabanye abaculi. Siqhuba sithi uMlindo wayengahambisani nalokho.
UHoward wathi uMaphorisa wabe eselaxaza uMlindo iminyaka emibili. Ekhuluma kwi-Instagram izolo, uMlindo udalule ukuthi sebekhumelene umlotha noMaphorisa futhi basebenze naye kwi-albhamu azoyikhipha esihloko sithi Lindokuhle.
UMlindo uveze ukuthi nguye ozehlisile kuMaphorisa, wayo xolisa. Kanjalo noMaphorisa walwemukela uxolo. Uthe ecwecweni ubophele amaciko amaningi, uSjava, Esmile, Mthunzi no-Ami Faku.
Unxuse abalandeli bakhe ukuba bameseke njengoba benza kwi-albhamu yakhe yokuqala eyayithi Ekhaya. Abanye bazoyikhumbula ngenoni elithi Macala, eGoli nethi AmaBlesser.
Uthe bekungemnandi kuye ngenxa yezigameko ebezimehlela, okubalwa kuzo nezingozi zomgwaqo kodwa engakhulumi namuntu. Ube esexolisa ngokuqhela kubalandeli bakhe isikhathi eside.