Nokubongwa Phenyane
INGOMA kaKelly Khumalo noHlengiwe Mhlaba ethi Esiphambanweni, ephume emasontweni amabili edlule futhi engenye yezingoma ezenza kahle, iqokwe emcimbini amaSABC Crown Gospel Music Awards.
Umcimbi wokwethulwa kwabaqokiwe ubuyizolo ntambama ezinkundleni zokuxhumana.
Kuzothi ngoNovemba 29, bese kusakazwa umcimbi wabahlabanile ozoqoshwa ngoNovemba 13 eThe Station Venue, ngaseDurban Station, eThekwini.
Ingoma kaKelly noHlengiwe, iqokwe emkhakheni weBest Gospel Song.
Kulo mkhakha uqokwe nabaculi abafana noVusi Nova engomeni apike kuyo uDumi Mkokstad, abayiqophe ngesikhathi kuhlasela igciwane iCovid-19, ethi Yibanathi.
Umculi waseNanda uThinah Zungu, naye uthole ukuqokwa emkhakheni ehlukene kulo mcimbi.
UThinah uqokwe emikhakheni okukhona kuyo oweBest Male Gospel Artist, Best Gospel Classic Of All Time, Best Collaboration, Best Gospel album neBest Gospel Songwriter.
Ulandelwe yintokazi engenisile emculweni wokholo uBucy Radebe.
UBucy uqokwe emikhakheni emine okukhona kuyo oweBest Newcomer.
Abanye amagama abo avela kakhulu emikhakheni ehlukene kukhona uBenjamin Dube, Dumi Mkokstad, Hlengiwe Mhlaba,Tshwane Gospel Choir neqembu labesifazane iWoman in Praise.
Eminye imikhakha imi kanje:
Best Female Gospel Artist
Keneilo Hope
Bucy Radebe
Puleng March
Precious GM
Best Gospel DVD
Bucy Radebe
-Spiritual Encounter
Benjamin Dube
- Glory in His Presence
Isethembiso
Thobeka
- Live in DBN
Go Explo
- From Glory To Glory
Best Traditional Gospel
Ungayeki ukuthandaza
-Dumi Mkokstad
Modimo Wa Tseba
- Godfrey Mahlangu
Jeso ke Sethakga
-Shibu M
Osimulaho
-Justice Neemah
Best Gospel Producer
Neyi Zimu
-Women In Praise VOL. 5
Thapelo Thoboke
-Spiritual Encounter
Benjamin Dube
-Glory in his Presence
Paul K- Moya