OMREPHA baKwaMashu uZakwe noDuncan bazovulela abalandeli babo izifuba “ngokungezwani” kwabo kwi-albhamu abayenza ngokuhlanganyela.
Laba babengamathe nolimu kodwa kwaba khona uqhekeko phakathi kwabo.
“Ngeke ngize ngisho ukuthi sasingezwani kodwa ukuphazamisana kwaba kimi nowayengumphathi wakhe okwaphoqa ukuthi siqhelelane,” kusho uZakwe.
Sekuwumlando ukuthi kwaba nokuxabana phakathi kukaZakwe noNgane Sikobe ababesebenzisana naye. NoDuncan noNgane sebahlukana uDuncan waphathwa ngokugcwele e-Afrotainment.
UZakwe uthe bahlangane noDuncan efuna ukumpika engomeni kodwa bagcina sebenze izingoma ezintathu.
Uthe naye uDuncan ubefuna ukusebenza noZakwe baphinde babuyela estudyo benza izingoma ezimbili.
Kukaningi sisebenza ndawonye, kuyasho ukuthi siyakhumbulana.Ngale albhamu sihlanganisa iMabala ne-Afrotainment.”
Kwethulwa i-albhamu kaJoocy eDurban North ngeledlule, baziculile ezinye zezingoma zabo.
UZakwe uthe banezingoma ezingu-21 kodwa bazoziphungula bakhethe ezizoba kwi-albhamu.
“Sikhuluma iqiniso njengasengomeni yokuqala eyimizuzu eyisishiyagalolunye lapho siveza khona ukuthi kuningi okwenzeka kule minyaka emihlanu singaxhumani. Indoda nendoda iyabhodla kulo msebenzi.”