Nokubongwa Phenyane
BASULEKE izinyembezi abalandeli bomculi uMaster KG, ozakhele udumo ngengoma ethi Jerusalema, okuvele ukuthi uqokelwe emcimbini wama-2020 MTV EMAs, azokuba ngoNovemba 8.
Kwaba nomkhulu umsindo ngemva kokumenyezelwa kwababeqokelwe emcimbini wamaSAMA kodwa kwashoda amagama kaMaster KG noMakhadzi. Kuyaziwa ukuthi izingoma zabo zishise izikhotha ngonyaka odlule, kepha abazange baqokwe.
Lokhu kwadala izinkulumo kubalandeli bakhe begxeka abahleli bomcimbi ngokungenzi ubulungiswa.
Akuyena uMaster KG kuphela umculi wakuleli oqokiwe kulo mcimbi ozoba e-USA, kodwa kukhona nezinsizwa ezaziwa ngeScorpion Kings, uKabza de Small noDJ Maphorisa bonke abaqokwe emkhakheni weBest African Act.
Abanye base-Afrika abaqokwe kulo mkhakha uBurna Boy, Rema, Sheebah noGaz Mawete. Lo mcimbi uzokhonjiswa bukhoma kwiMTV (DStv Channel 130) nakwiMTV Base (DStv Channel 322) ngo-9 ebusuku.
UMaster KG uthe uyalibonga ithuba lokuqokwa kwaMTV.
“Lona umzuzu oshintshe impilo yami kakhulu. Ngijabule kakhulu ngokuqokwa kulo mcimbi nakulo mkhakha engikuwo, kusho lukhulu kumina,” kuchaza le nsizwa yaseLimpopo.
UMonde Twala wakwaViacomCBS Networks Africa, uthe kubajabulisile ukubona kuqokwa amaciko ashisa izikhotha e-Afrika nonyaka.
“Lona ngomunye wemcimbi emikhulu emhlabeni, kubungazwa abantu abahlukene abenza umculo ongafani okuyinto ejabulisayo. Siyabahalalisela abaculi base-Afrika abaqokiwe, siyababongela nangempumelelo yabo kulo mkhakha,” kuchaza uMonde.
Uhamba phanbili umculi wase-USA, uLady Gaga ngokuqokwa njengoba esemikhakheni eyisikhombisa. Abahleli bomcimbi okuzobe kungoka-27 ukhona kulo nyaka, bathe abekho abazobuka umcimbi bukhoma, wonke umuntu uzowujabulela esekhaya.
Bathe maduzane bazodedela imininingwane yabaculi abazonandisa nokuthi ibaphi osaziwayo abazophatha izinhlelo.