ISIKHWELE yadilika eqenjini iDamaseku, iGospel Power House kaZanele LaMbokazi-Nkambule, ecasulwe yizinsolo zokuthi leli qembu, lithi liphanjaniselwe laze lakhishwa kumaSABC Crown Gospel Awards seliqokiwe.
UMbhishobhi Nicholas Sangweni weDamaseku uthe sibaphethe kabi isenzo samaSABC Crown Gospel Awards njengoba bese beqalile nokuvotela umkhakha wamaZion okuvele ukuthi baqokwe kuwona kodwa batshelwa ukuthi kwenzeke iphutha abaqokwanga.
“Sibhalele incwadi umnikazi wamaCrown, uZanele, sifaka isikhalo ngale nto abayenzile. Impendulo abasinike yona ayisigculisanga njengoba esitshele ukuthi kube yiphutha lomuntu obebenzela iGraphic Design, ofake igama leDamaseku ngephutha. Inkinga abantu bese beqalile bevotela iDamaseku. Sithe okungcono akasale eseyiyeka iqhubeke, wanqaba,” kusho uMbhishobhi Sangweni.
Uthe ngesikhathi uZanele ememezela abaqokiwe kumaCrown alo nyaka, akalishongo igama leDamaseku.
“Inkinga iqale ngesikhathi esefaka uhla lwabaqokiwe ezinkundleni zokuxhumana kwavela igama leDamaseku. Abantu bavele bajabula belibona bezitshela ukuthi mhlawumbe bekwenzeke iphutha njengoba engalibalanga ngesikhathi esamemezela abaqokiwe, base beqala bevota. Kuthina kubuye kwafika umcabango wokuthi siqinisekise kuyena ukuthi siqokiwe ngempela yini njengoba sibona igama leqembu ohlwini lwabaqokiwe, kanti akalimemezelanga.
“Usitshele ukuthi kube yiphutha. Sicele afake uhla oluqondile, okuthe uma eselufaka langavela igama leDamaseku. Okugqamile ngohla lwesibili ukuthi bese luchitshiyelwa ngendlela olubukeka ngayo nokuvele kwacaca nje ukuthi bese kwenziwa kuphuthunywa ukuze kukhishwe igama leDamaseku,” kuqhuba uSangweni.
Okhulumela iWorld Gospel Power House, uSipho Kaleni, uthe indaba yeDamaseku ilula, iqondile futhi ngokwazi kwabo kade iqediwe.
“Iphutha lenzeke kwi-graphic designer ebafake kwi-poster eyodwa, okuthe uma kubonakala lokho, yashintshwa. Bafonile baze babhala nencwadi, bachazelwa ngephutha elenzekile, kwaxoliswa. Kunzima ukusebenza nabantu abadala futhi abakholwayo kodwa abangenalo iqiniso, abasho okunye ngala, basho okunye ngale.
“Lokhu abakwenzayo ukuya kwabezindaba kuzolimaza bona njengoba bezame ukucindezela amajaji ukuthi asale esebashutheka. Abayiyeke nale nto yokuthi yibona abacula kangcono kunamanye amaqembu nokuthi banabalandeli abaningi.
“Noma ngabe banabo abalandeli abaningi kodwa abaqokwanga ngakho-ke, abayeke ukulokhu besho njalo. Lokho kukhombisa ukungawahloniphi amanye amaqembu aqokiwe,” kusho uKaleni.
Uthe nokuthi bese beqale ukuvota basenga ezimithiyo ngoba ulayini wokuvotwa uvulwe ngoLwesine ntambama sebexoxile nabo.