ANGENE emculweni kwezwakala amabhungu amabili aqale ngokusebenza ngabaculi emsakazweni. USphelelo Cmbero Nyawo waseNcotshane oPhongolo, noSakhile DJ Propel Mncwango waseMbonjeni KwaNongoma bethula uhlelo iThe Groove Code Show njalo ngoMgqibelo ngo-6 kuya ku-9 ebusuku kwiNongoma FM bakhiphe izingoma ezithandwa abaningi. USengizwile nengoma ethi Uzongikhumbula yizona ezihamba phambili emsakazweni nasezinhlelweni zethelevishini zomculo. UCmbero uthe uthando lokusebenza ngabantu nokuba semsakazweni kubagqugquzele kakhulu ekuhlanganiseni umculo osezingeni eliphezulu.
"Uma senza umculo sizinika isikhathi ngoba sifuna ukukhipha izingoma ezizoba nomyalezo futhi kube lula nokuthi umuntu azidlale noma nini. Baningi abantu abasilekelele emculweni, sibe nenhlanhla yokusebenza ngisho nomunye umculi waseBotswana. Phakathi nesonto senza yonke imsebenzi eseceleni esiyenzayo bese kuthi ngeSonto sihlanganise umculo wethu," kusho uCmbero.
Phakathi kwabantu abasebenze nabo emculweni kukhona nabaziwayo okubalwa Intaba yaseDubai, Sparks Bantwana nabanye. Zonke lezi zingoma ziqoshwe ngaphansi kwesitebele somculo iRauzin Music ngosizo lukaMntwana uSboniso Zulu kanjalo noLungelo Nene abaveze ukuthi ngaphandle kwalaba bobabili bebengeke bafinyelele kuleli zinga abakulo njengamanje.
Emsakazweni nakhona bahamba phambili ngohlelo lwabo lomculo iThe Groove Code Show olugabe ngomculo. UCmbero uthe okwenza uhlelo lwabo lube nabalandeli kakhulu ukuthi yena noDJ Propel bakhonze izinto ezifanayo futhi banothando lomsakazo ngendlela efanayo. Lokhu kwenza bangagcini nje ngokusakaza kuphela kodwa baphinde benze eminye imisebenzi engaphakathi kulesi siteshi okubalwa nezokumaketha nokuhlanganiswa kwemisindo yezinhlelo. Siyasakaza ngoMgqibelo bese ngeSonto sithola isikhathi sokuhlangana sibhekane nomculo ngoba phakathi nezinsuku sisuke senza eminye imsebenzi esiteshini. Umsebenzi wethu siyawuthanda kakhulu ngoba noma sisakaza siyasithola isikhathi sokwenza eminye imsebenzi esikhulisayo nesifundisa ezinye izinto ngokusebenza komsakazo.
Ephetha uCmbero uthe okwamanje abaziboni behlukana nomculo nomsakazo ngoba noma ngabe ayavela amanye amathuba bafisa ukuwasheba nale misebenzi yomibili. Yize nabo bengakafinyeleli ezingeni abalifisayo kodwa sebeqalile ukucobelela amanye amaciko ngolwazi abakholwa ukuthi luzowasiza ukufeza amaphupho awo.