BEBENETHEMBA lokuthi uzokhala amuke nendondo evotelwa wumphakathi emcimbini wamaSama, abalandeli bomculi waseVenda, uMakhadzi, kodwa nalapho le ntokazi ikhale ngaphansi.
Kwaba nomsindo omkhulu uMakhadzi engaqokwa kulo mcimbi okade ukhonjiswa bukhoma kuSABC1, ngoMgqibelo.
Iningi labathandi bomculo kaMakhadzi belikhala ngokuthi wenza umsebenzi omuhle endimeni yomculo, nokwenza kuxake ukuthi kungani engaqokwa kulo mcimbi.
Kulo nyaka abahleli babaSama bamemezele umkhakha omusha owaziwa nge-Artist of the Year.
Kulo mkhakha bekungaqokwe muntu kodwa ngabantu bakuleli abebevotela umculi noma iqembu ababona ukuthi lenza kahle kulo mkhakha.
Indondo yokuqala yalo mkhakha ikhale yemuka neqembu laseMnambithi, iBlaq Diamond.
Abantu ezinkundleni zokuxhumana baveze imibono ehlukene ngokungayitholi kukaMakhadzi le ndondo.
U-T.Mulaudzi uthe: “Ngisacasukile namanje ukuthi uMakhadzi akaqokiwe kulo mcimbi futhi akayitholile indondo ebesibheke ukuthi anikwe yona”.
U-Joe Arrangement uthe: “UMakhadzi ungelinye lamaciko asebenza kanzima, uyadinga ukuhlonishwa kulo mcimbi”.
Kulo mcimbi akade bephethe uhlelo, uBontle Modisele noLawrence Maleka, banconywe kakhulu ngomsebenzi abawenzile.
Kuphinde kwabongelwa abaculi abahlabane ngezindondo kulo mcimbi okukhona kubo uSun El Musician, Black Motion, Hle, Sho Madjozi, Kabza De Small noMaster KG.
Kushayelwe ihlombe nokuhlonishwa ngendondo yeLifetime Achievement kukaLindelani Mkhize.