ITN’T ibunjwe wuTokyo Cekwa owaziwa ngoTC noThomas Mohlapi owaziwa ngoTommy Tee, kanti laba bobabili sebeneminyaka engu-20 benza umculo ndawonye. Ukusebenzisa abaculi bakwamanye amazwe ukucula leli culo, kuqhamuke emva kokuthi omunye wabo ebe nothando lokuthi iculo liculwe ngolimu lwaseZimbabwe, bagcina benqume ukufaka nabaculi bakwamanye amazwe.
Abaculi abacula kuleli culo baqhamuka eCongo, South Africa, Zimbabwe, Zambia, Nigeria, Ghana, Mozambique, Senegal, Uganda, Burundi, Kenya naseSwatini.
Basebenzise abaculi okukhona kubona uBlack Moses, Mthandeni M, Khanyo Maphumulo, ibhendi eyayidlalela uLucky Dube, iStimela nabanye abaculi base-Afrika abahlonishwayo.
Okhulumela iTN’T, uNtokozo Siluma, uthe baphinde basebenzisa neculo likaRichie S i-African Dance ukuthi liculwe abaculi abahlukene base-Afrika.
“Sinqume ukuthi sivule amathuba omsebenzi nokuthuthukisa abaculi abasebasha njengoba sixube abasebasha nabadala. Bonke bacula iculo elilodwa ngezilimu zabo. Emva kokulikhipha sibe nomuzwa wokubumba i-Afrika. Iculo eseliculwa ngezilimu ezehlukene lizophuma ngoSepthemba 10, litholakale kuzona zonke izindawo ezidayisa umculo nge-internet. Sihlela nokuthi senze ifestivali ezokhonjiswa online ukuze sivezele umhlaba ukuthi siyakwazi ukuhlangana siyi-Afrika,” kusho uNtokozo.
Uthe basebenzisana neContent Connect Africa okwakuqopha kuyona uLucky Dube kulo msebenzi nenhlangano engenzi nzuzo iKwakuhle Kwethu. Uthe banquma ukuthi u-10% wemali ezotholakala ngaleli culo kunikelwe ngawo ezinhlanganweni ezingenzi nzuzo.
Uqhube wathi njengoba behlanganise i-Afrika sebeshuthe neqophamlando elikhuluma ngalo msebenzi abamatasa nawo.