BASOBISHINI abaculi bodumo lwengoma ethi Kokota Piano, uKaygee Da King noBizizi, njengoba sebefakwe enkantolo nguphrojusa womculo uPotoko "DJ Abza" Malebane, oyinhloko yePotoko Entertainment nePotoko Visuals.
UDJ Abza, oseke waphrojusela uCassper Nyovest ingoma ethi Baby Girl nekaGigi Lamayne ethi Koze Kube Nini, ukhala ngokuthi abaculi banqwaha noR15 000 wakhe. Uthe wabashuthela i-video yengoma i-Pikachu futhi wabasiza nasekuyikhangiseni emphakathini nyakenye.
"Empeleni ngaxhunyaniswa nabo ngomunye wabangani bethu naye osendimeni yomculo. Kwakungabo Agasti nyakenye, ngesikhathi uKaygee noBizizi befuna ukwenzelwa i-video yengoma yabo ethi Pikachu. Babe sebeyalelwa kithi ngomunye umngani emuva kokubona umsebenzi wethu."
UDJ Abza uthe bahlangana futhi bavumelana nangemali ngo-Agasti 28, 2020 emuva kokuvulwa kwezwe.
"Sabe sesiqopha i-video ngoSepthemba 24, 2020, futhi ngabasiza nasekuyikhangiseni kwithelevishini. Kusukela lapho bese bedlala umacashelana ngemali yami enguR15 000. Kuhluleke ngisho sengitshela uKaygee ukuthi ngizomvulela icala. Wavele wathi asihlangane enkantolo," kuphetha uDJ Abza.
Nebala, usebafakile eNkantolo equla amaCala eziMali eziNcane eSoweto. Imizamo yokuthola uKaygee noBizizi ukuba baphawule, ayiphumelelanga noma sebethunyelelwa nemiyalezo.
Isolezwe NgoMgqibelo linawo amaphepha asenkantolo aqinisekisa ukuthi laba baculi sebeyaboshwa. Ngokwamaphepha, uMnuz PA Malebane umangalele uKagiso Machiane (okunguKaygee) noBuhle Zizi (okunguBizizi).
“Niyalelwa ukuba nivele mathupha phambi kweSmall Claims Court eProtea Court, ngoSepthemba 9 ngo-4.30 ntambama ukuba nizovuma noma niphike ngokushiwo ngani...” kusho amaphepha enkantolo. Kwenzeka lokhu nje, nomculi wekwaito waseMkhanyakude, uMasheleni Nxumalo, usakhala ezimathonsi ngokudlelwa ingoma yakhe ethi UMthandazo yilaba baculi bodumo lwengoma kaDJ Hlo ethi Festive. Kuthiwa uKaygee wamsabisa ngokumnabisa ngesibhaxu.