OMUNYE wabasunguli beqembu, iJoyous Celebration uJabu Hlongwane, udalule ukuthi bazokwamukela isibalo esincane sabantu, emakhonsathini abo. Wathi sebewaqalile amakhonsathi ngenhloso yokujabulisa abalandeli.
Ngokusho kukaJabu, bese kuphoqa ukuthi bawenze ngoba abalandeli babo bebewakhalela futhi abakaze benze ikhonsathi kulo nyaka.
Izingoma abaziculayo ngeze-albhamu yesi-24 ethi, The Rock ephume ngePhasika nonyaka. Uthe ihlukene kabili i-albhamu futhi inezingoma ezingafani zendumiso.
“Ngempelasonto esiphuma kuyona besinomcimbi wokuqala lapho abantu bewuthokozele umculo, abakade bewubuka besemakhaya. Asiziculanga zonke izingoma ezitholakala kule albhamu esiyikhiphe ngePhasika. Owesibili uyeza ngoNovemba 22, lapho sizocula nezinye izingoma esaziyo ukuthi abalandeli bazozithokozela.”
Uveze ukuthi uma izinto zihamba ngendlela abafisa ngayo, ikhonsathi enkulu izoba seThekwini, lapho kuzobe kunabantu abazoyijabulela bukhoma.
“Sithemba ukuthi imigomo kahulumeni ethinta iCovid-19, izobe isingcono ngoDisemba ngoba sifuna ukwenza abalandeli bethu bayijabulele bukhoma. Namanje siyanxusa abantu ukuthi bathenge amathikithi eComputicket, lapho bezothola umyalelo wokuthi bazowubuka kanjani umcimbi. Siyazi imicimbi yalo nyaka ayifani neyeminyaka edlule kodwa esikwaziyo wukuthi abalandeli bazojabula,” kuchaza yena.
Uthe abalandeli kumele babheke ngoba kukuningi abazokumemezela ezinkundleni zokuxhumana.