UTHI angeke asalubhada eNingizimu Afrika uBurna Boy ngoba abantu bokufika bayahlaselwa kuleli. Isithombe: Andy Kropa/Invision

UMCULI we-Afro Fusion waseNigeria uDamini "Burna Boy" Ogulu uthi angeke asalubhada eNingizimu Afrika.

UBurna Boy (28) ukusho lokhu kulandela udlame olubhekiswe kwabokufika kuleli ezindaweni ezahlukene zasesifundazweni saseGauteng.

UBurna Boy ufake inqwaba yemibhalo ekhasini lakhe lika-twitter ezwakalisa ukuphatheka kabi ngodlame olubhekiswe kwabokufika kuleli.

"Selokhu ngagcina ukuya eNingizimu Afrika ngonyaka ka-2017. Angeke ngiphinde ngilubhade eNingizimu Afrika noma ngabe sithini isizathu kuze kuvuke uhulumeni wakhona emaqandeni enze imilingo ukulungisa lesi simo. Angazi nokuthi bangasilungisa kanjani lesi simo," kusho umbhalo.

Umbhalo kaBurna Boy ulandelwe yizinkumbi zezimpendulo ezivela kubantu baseNingizimu Afrika. Phakathi kwezimpendulo ebezikhona bekukhona ezithi noma angangezi kanti abanye bazwakalise ukuphatheka kabi ngalokhu.