CHARLES KHUZWAYO noSINENHLANHLA ZUNGU
UMCULI osanda kudalula ukuthi wayesebenzisa ikati lakhe elingasekho ukuze azifikise kuvuthondaba uma eshaya indlwabu, angase azithole esobishini. UPhilly "Mkhulumpiyonke" Ngcobo, owayengumculi we-Afro pop futhi egidela iShabalala Rhythm kaSbongiseni Shabalala noMaqhinga Hadebe kodwa manje oseyisangoma, ushaqise abantu abaningi eveza ukuthi wayezifikisa kuvothondaba ngokuthela ukhastadi kwinanazi bese ikati liyawukhotha. Oyisikhulu sophiko lwezokukhangisa enhlanganweni elwa nokuhlukunyezwa kwezilwane (SPCA), uTanya Feircher, uthe obekwenziwa wuPhilly kuyicala. Uma evulelwa icala emaphoyiseni, noma kanjani uzobekwa icala lokwephula umthetho wokuvikelwa kwezilwane.
"Angabekwa icala ngaphansi komthetho wokuvikelwa kwezilwane. Nakuba kunjalo, njengoba neminyaka seyihambile, anginasiqiniseko sokuthi wubani ongamvulela amacala futhi nobufakazi bungatholakalaphi," kuphawula uTanya.
Le ntokazi itshele leli phephandaba ukuthi okwakuyenza izithokozise ngekati yingoba yasuke yangenwa yidlozi likamkhulu wakhe, uMpiyonke, osekuyigama asaziwa ngalo njengoba eseyisangoma. Akagcinanga ngekati kodwa wabuye wajola namanye amantombazane.
Abaningi bazomkhumbula ngengoma eyayigadla uKelly Khumalo eyayithi Awusilo Itshitshi, emuva kokuba uKelly ayekhiphe ethi Ngiyitshitshi.
Uthe lolu daba lumsizile ngoba uthole inqwaba yemiyalezo ebivela kubantu ebebengazi bazokhuluma nobani. Yize abenovalo lokuthi uzolahlekelwa ngamakhasimende kodwa uthi sandile isibalo sawo. Uthe njengamanje umatasatasa nokuqopha ingoma evalelisa ekatini.
"Sengiqedile ukubhala izinhlamvu zayo. Sekusele ngifake izinsimbi ukuze kube yingoma ephelele ezodansisa abantu."
Uthe usephila impilo eqondile njengoba esebuya ekuthwaseni futhi usenendoda athandana nayo emenelisayo ocansini.
Ongumengameli wenhlangano iTraditional Healers Association, uMnuz Sazi Mhlongo, uthe kufanele baboshwe abelaphi bendabuko abagila imikhuba enjengekaPhilly ngoba bangcolisa igama lobungoma. Uthe ukulala nesilwane yizimpawu zokuthi kunokungahambi kahle engqondweni futhi uma okwenzayo engalutholi usizo ngokushesha, uzogcina esehlanya.
"Ukulala namakati noma yisiphi isilwane kuwubulwane. Ukwenza lokho kuchaza ukuthi umuntu uyahlanya noma uphazamiseke emqondweni," kusho uMhlongo. Unxuse uPhilly ukuba asheshe axhumane nomelaphi wendabuko ukuze amgeze ngoba engase alandelwe ngamabhadi. "Uma engagezwa nanoma iyiphi indoda alala nayo izobeka impilo yayo ebucayini ngoba ingase ife." UPhilly uthe wagezwa ngaphambi kokuyothwasa futhi usebudlelwaneni obumnandi. "Ngijabule futhi isithandwa sami siyangenelisa ocansini. Sesibe ndawonye kusukela kuqale unyaka. Unginakekela ngempela, embhedeni nangezinye izindlela."