KUZOQOPHEKA umlando ekhonsathini, i-Arise Benefit Concert, elihlelwe ngabaculi, lokuzwelana nabakhahlanyezwe yizikhukhula zaKwaZulu-Natal ezinyangeni ezedlule.
Ikhonsathi lizobe lineziteji ezimbili eMoses Mabhida nasePeople’s Park ngoJuni 18. Lizobe ligabe ngezintandokazi zabaculi baseMzansi abazobe bephonsa esivivaneni kwazise ukuthi ngeke bakhokhelwe imali abajwayele ukukhokhelwa yona.
Omunye wabahleli bomcimbi uDJ Boonu, uthe konke sekumi ngomumo mayelana nomcimbi njengoba wonke amaciko esezibophezele ukuthi azobe ekhona.
“Sifuna ukuqinisekisa abantu abazohambela umcimbi ukuthi yonke imali yabo ezokwenziwa, izodluliselwa kwabathinteka ngesikhathi sezikhukhula. Lokhu sizokwenza ngokusizana noMasipala weTheku nophiko lwezinhlekelele,” kusho uBoonu.
Uthe amathikithi aseqalile ukutholakala eWebticket, asuka kuR100 kuya kuR200.
Abaphathi bohlelo kuzobe kuwuHope Mbhele osengumsakazi weMetro FM noFelix Hlophe weGagasi FM.
Eqhuba uBoonu uthe inhloso enkulu yabo ngekhonsathi wukuthi basizakale bonke abathintekayo, basizwe ngezinto ezizohlala isikhathi eside, kungabi wukudla kuphela.
“Kulabo asebehlale benganamanzi isikhathi eside nabebehlushwa ngamanzi nangaphambi kwezikhukhula, sicabanga ukubabholela umgodi ozobadonsela amanzi. Singagcini ngokubanika ukudla kuphela,” usho kanje
Uthe bazobafundisa ngezindlela zokuphepha uma isimo esinjengesenzekile siphinda sihlasela.
“Bengiziqala izikhukhula ezinje. Ukuze senze isiqiniseko sokuthi nangomuso abantu baphephile, sihlela ukubafundisa ngobungozi bokwakha eduze nemifula nokubahlomisa ngolwazi lokuthi bazivikele kanjani uma zibuya izikhukhula,” kusho uBoonu.
Uveze ukuthi phakathi kwabanye abaculi ababhekiwe kubalwa u-AKA, Zonke, Tira, Ladysmith Black Mambazo, Thukzin, Dumi Mkokstad, Mafikizolo nabanye abaningi.