ABACULI bokholo baseThekwini bahlambalazane ezinkundleni zokuxhumana bebanga ingoma.
Isihlabani salo mculo, uMalusi Mbokazi, sisolwa yiqembu iHeaven on Earth Musical ngokweba ingoma yalo maqede sayifaka kwicwecwe laso elisha. I-Heaven on Earth Musical ibhale isitatimende yasinameka ekhasini layo likaFacebook.
“Siphatheke kabi emoyeni njengeHeaven on Earth Musical ukuthola ukuthi umculi uMalusi Mbokazi uqophe iculo lethu ngo-Okthoba 26.
“Ingoma ayizwa ngesikhathi efike nonkosikazi wakhe ukuzoseseka ngesikhathi sizilolongela umcimbi i-2nd Heaven Musical ngoJuni 2019.”
Liqhuba leli qembu lithe emuva komcimbi bamnxusa uMalusi ukuba acule ngokuhlanganyela nabo le ngoma aseyithathile futhi wayiqopha njengeyakhe, epike Abanqobi.
“Ngesikhathi sithinta Abanqobi ngenhloso yokubuza ngolwazi lwabo ngobunikazi bale ngoma, bashaqekile ngoba uMalusi Mbokazi wathi nguye ongumbhali wayo. Eqinisweni besilokhu siyicula le ngoma emicimbini eminingi, okubalwa kuyo ne-Ethekwini PRC Live Streaming ebingoJuni. Sifuna umphakathi wazi ukuthi uMalusi Mbokazi webe iculo ebesihlele ukulikhipha ne-albhamu yethu ngo-2021.”
I-Heaven on Earth Musical ithe ikholelwa ukuthi uMalusi uyixhaphazile ngenxa yokuthi yakhiwe ngamantombazane angakaziwa njengaye endimeni yomculo. “Asazi ukuthi kungani ebone kufanele ukuba athathe umsebenzi wethu awenze owakhe.
“Ukunqaba kwakhe ukubamba iqhaza engomeni yethu kodwa ayintshontshe, kusenza siphoxeke kakhulu ngaye njengomculi,” kuphetha iHeaven on Earth Musical.
Eziphendulela uMalusi naye ngesitatimende uthe le ngoma abayikopelanga ndawo kodwa yiculo elidala elihlatshelelwa emiphakathini nasezinkonzweni. Uthe akekho umculi owake walicula.
“Kubuhlungu ngoba le mpi ayikho mayelana neculo kodwa imayelana nesigqi uMalusi naBanqobi ebebesicula eminyakeni eyedlule.”
UMalusi uthe ushaqekile ukubona iqembu likhipha isitatimende esimgxekayo ekubeni belihlale limbiza ngobaba nomuntu owalethula embonini kodwa manje selimsola ngodaba elingakaze laluxoxa naye noma nenkampani yakhe ngasese, iqhamuke seyisabalala emphakathini.
“Sifuna ukukuveza ukuthi kuthatha isikhathi ukwakha igama lomculi futhi siyazi nokuba semqoka bokuvikela igama. Siyakholelwa egameni likaMalusi futhi siyilindele ngamehlo abomvu i-albhamu yakhe entsha futhi sifisela iqembu elimsolayo okuhle kodwa ekusaseni lalo...
“Siphatheke kabi futhi sizibona sibukeleka phansi yilezi zinsolo futhi sibona ukuthi zicekela phansi isithunzi negama likaMalusi Mbokazi,” kuphetha isitatimende esithunyelwe yi-EzakwaDonda Projects (Pty) Ltd egameni likaMalusi.