BAKHATHAZEKILE “omnax” basekhasini labesifazane lodumo elikwiFacebook iLadies House ngokunyamalala komsunguli waleli khasi, uMnuz Chris Bhoni.
Bathi kusukela ekuqaleni kwalo nyaka uBhoni abambiza ngoDaddy akabonwa kuleli khasi.
Bathi sebezame kaningi ukumshayela ucingo kodwa abamtholi.
Ukunyamalala kwakhe bathi sekudale ukuthi leli khasi lingalawuleki ngoba akasekho oliphethe.
Ilungu laleli khasi, uNksz Nomfundo Mngomezulu owaziwa ngelikaMadlakadla kaLwandle uthe bacela onolwazi ngokuthi uBhoni washonaphi abathinte ngoba bayamdinga ngokushesha.
Uthe emasontweni amabili azayo bazobe bevula umuzi abawakhile beyizintokazi zaseLadies House, bewakhela umndeni oswele wakwaZuke kwaJ eMlaza.
“Besifisa ukuthi usokhaya naye abe khona uma sesivula lo muzi. Sifuna ukuthi abone umsebenzi wabantu besifazane abasekhasini lakhe. Sikhathazekile ngoba samgcina ngonyaka odlule. Samgcina emenywe ukuba ayokhuluma ngaleli khasi emsakazweni Ukhozi FM. Akukwazi ukuthi kunyamalale umuntu kuvele kuthuleke nje,” kusho uNksz Mngomezulu.
Uncome uBhoni ngomsebenzi omuhle wokusungula leli khasi elihlanganisa abantu besifazane abasuka ezindaweni ezahlukene kuleli.
Uthe leli khasi selineminyaka engaphezu kwemihlanu lasungulwa kanti selinamalungu
angu-705 075.
Ukhale ngokuthi selokhu uBhoni anyamalala kunamalungu asebhala izinto ezihlambalazayo okuyinto ayengeke ayibekezelele.
“UChris wayengayibekezeleli inhlamba. Umuntu wayevele amgibeze ibhasi. Umuntu ophoxayo, wayevele amkhiphe eLadies House. Manje sekukhona nabantu besilisa kuleli khasi abangena ngopotsho, abazopopola ukuthi sikhuluma ngani. Akasekho umuntu okwazi ukubakhipha,” kusho uNksz Mngomezulu.
Elinye ilungu, uNksz Hlengiwe Shezi (28) lithe bayamdinga uBhoni ukuthi azozishaya isifuba ngomsebenzi omuhle owenziwa amalungu ekhasi lakhe.
Uthe bebelindele ukuthi abekhona uma sebevula indlu ukubonisa abantu ukuthi kukhona okuhle abakwenzayo njengoba sebedume kabi ebantwini. Kulo leli khasi kusukela ekuqaleni kwalo nyaka kunenqwaba yemiyalezo ephuma “komnax” abahlukene bezwakalisa ukukhathazeka ngokunyamalala kukaBhoni.
Imizamo yokumthola uBhoni ayizange iphumelele, ucingo lwakhe belungangeni.