UBizizi noKaygee bathe basithandile isigqi sikaDJ Hlo ophethwe yiMaz Entertainment kaDr Musa Zulu, yingakho besebenze naye kuleli culo.
UKaygee, uthe iculo lizophuma maduze nabo bagculisekile ngendlela eliyilo.
Uthe iculo lizophuma ngo-Okthoba 1, kodwa sebeqedile ukuliqopha.
UDJ Hlo, uthe okwenze wapika laba baculi yingoba ebone kuyibona abangenza ubulungiswa ekukhipheni iculo lamaPiano ngendlela abefuna ngayo.
“Iculo lami lithi iFestive. Ngalo nginethemba lokuthi lizoba ngezinye izingoma ezizohamba phambili njengoba sekuzoqala amaholidi kaDisemba.
Isigqi sikaBizizi noKaygee ngiyasithanda vele futhi bengifisa ukuthi ngisebenze nabo.
Konke sekumi ngomumo ngalo njengoba nosuku elizophuma ngalo selwaziwa. Kumanje sihlela ukushutha i-video yalo ezophuma kanye nalo ngo-Okthoba 1,” kusho uDJ Hlo.
Yize uDJ Hlo esemusha emculweni kodwa ufike kwazwakala ngomculo wakhe. Usanda kukhipha iculo lakhe elisematheni kulezi zinsuku elithi: Ebusuku, apike kulona uRethabile.
Amagalelo akhe emculweni asheshe azwakala njengoba ephinde abe yinxusa leRoots ku-SABC1.