BAYINKUKHU nempaka abaculi bakamaskandi asebebuya naphesheya kwezilwandle, okunguKhuzani Mpungose noMbuzeni Mkhize. Imbangela yengxabano, yimali okwakumele bakhokhelane yona ngokudlala isigingci.
UMbuzeni ukhala ngokuthi uKhuzani unqwahe nemali yakhe okwakufanele amkhokhele yona ngokumdlalela isigingci, kwi-albhamu eyashisa izikhotha futhi yawola imiklomelo ethi, Inyoni Yomthakathi.
UMbuzeni uthi uKhuzani wamcela ukuthi azomdlalela isigingci emuva kokuba exabane nomfana owayemdlalela, base bevumelana ngokuthi uzomkhokhela.
“Ngakhuluma noKhuzani savumelana, ngokuthi ngizomdlalela izingoma ezintathu bese engikhokhela imali engangoR10 000. Ngamangala uma esengifakela uR500 kodwa ngathula, ngangabuza lutho ngoba ngiyamazi njengomfana engingenankinga naye,” kuchaza uMbuzeni.
UKhuzani ube esekhipha i-albhamu entsha ethi Inja nogodo, kulapho ezwakala kwenye yezingoma ethi Isiqomoqomu egadla kuMbuzeni, ethi abantu abazwana noNgizwe abakaze bazithole izindondo.
UMbuzeni ube esegadla naye ngokuqopha ividiyo ayifake kwiFacebook, ebuza uKhuzani ukuthi usakhumbula yini ukuthi bayakweletana?
Eqhubeka echaza uMbuzeni, uthe uKhuzani wathi kuyena abazange bazisebenzise izingoma azidlalela, ekubeni uyasizwa isigingci sakhe kuzona sikhala.
Ethintwa yiSolezwe NgoMgqibelo uKhuzani, uthe ayikho imali ayikweleta uMbuzeni.
“UMbuzeni wadlalela ingoma eyodwa nayo esingazange siyisebenzise ngoba akayidlalelanga kahle. Bengingagadli kuyena kwi-albhamu, bengimane ngifanisa nje,” kuchaza uKhuzani.
UMbuzeni uthe usola umona kuKhuzani, yingakho esehamba ekhuluma kabi ngaye.
*Khonamanjalo, abaculi okunguKhuzani, uThokozani Langa noDJ Hlo bazonandisa namhlanje kusukela ngo-10 ekuseni kuMkhosi wesikhumbuzo seminyaka ewu-143, amaZulu anqoba amaNgisi entabeni Isandlwana, eNquthu . Kuzobe kukhuluma okokuqala ngqa iSilo Samabandla, uMisuzulu kaZwelithini.